UDkt Junior Mkhobo uthole iziqu zakhe zobudokotela eneminyaka engu-21 nje kuphela

Moyahabo Mabeba

UJunior Mkhobo usanda kuphothula izifundo zakhe ze-MBChB eneminyaka engu-21 nje kuphela eNyuvesi yase-Limpopo (i-UL). Ungudokotela omncane kunabo bonke odabuka eMpumalanga futhi ubahlula bonke ontanga yakhe.

Ngesikhathi ethatha i-Hippocratic Oath emcimbini wokuthweswa iziqu ehholo lase-UL ngoLwesithathu, uthe uyabonga futhi ukubheke ngabomvu ukusindisa izimpilo ezweni elinodokotela obashodayo.

“Iminyaka yami eyisithupha njengomfundi wobudokotela ibilula ngoba ngiyakuthanda ukufunda,” esho.

“Kodwa isivivinyo sangempela sizoqala uma sengisindisa izimpilo zabantu. Kuzoba umsebenzi onzima, kodwa ngizowumela lo msebenzi”.

Uhambo lukaJunior njengodokotela luzoqala ngoMasingana esibhedlela sase-Mapulaneng.

UJunior owakhulela e-Thulamahashe e-Bushbuckridge, wayehlezi ehamba phambili kukho konke akwenzayo. Uqale u-Grade R esikoleni samabanga aphansi i-Thulamahashe eneminyaka emihlanu, waphothula umatikuletsheni esikoleni samabanga aphezulu i-Orhovelani eneminyaka engu-15.

“Bengilokhu ngizimisele ngokuqeda izinto kusenesikhathi. Ngaqhubeka ngawo lowo mfutho ngaze ngaqeda. Ngifuna ukuba udokotela osezingeni eliphezulu,” esho.

Eminyakeni eyisithupha edlule, uJunior wayephakathi kwabafundi abasebasha abangu-60 abaqala uhambo lwabo lokuba ngodokotela.

“Kusukela onyakeni wami wokuqala, kube nezigigaba eziningi, okuhlanganisa imibhikisho yabafundi esikhungwini kuze kube sekuqubukeni kwe-Covid-19 ngenkathi sengizophothula izifundo zami.”

USolwazi Mahlo Mokgalong uthe ukhumbula uJunior efika ezobhalisela ukuba udokotela eneminyaka engu-15 kanti manje inyuvesi iyaziqhenya ngokubona ethweswa iziqu eneminyaka engu-21.

UMokgalong uthe, “Ezweni elinesibalo esiphansi sodokotela ababona iziguli ezingu-1,000 ngamunye, odokotela abafana noJunior bazoba nomthelela omuhle ekusebenzeni kahle kohlelo lwezempilo lomphakathi eNingizimu Afrika nakuzwekazi lonke.”

Izihloko zakamuva