Udilikajele kowadlwengula owesifazane waphinda wamdubula

Elmon Tshikhudo

Wamdubula esandleni ngemuva kwalokho wabe esemhudulela ehlathini lapho afike wamdlwengula khona endlini engasahlali muntu.

Kodwa ngemuva kwemizuzwana emdlwengulile uNdivhuho Tshilongo Ratshilumela olahlwe icala wenze okungalindelekile.

Wajika wabuyela emuva wathatha lo wesifazane wamyisa esitobhini esiseduze nesibhedlela sase-Tshilidzini wafike wamshiya khona ngemuva kwalokho washaya utshani.

Lo wesifazane wakwazi ukushayela umyeni wakhe ucingo owafika namaphoyisa wamfaka esibhedlela. Wahlala izinyanga ezintathu elulama.

NgoLwesine umsolwa oneminyaka engu-32 wase-Lwamondo Vhungwili village ngaphandle kwase-Thohoyandou ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula iminyaka emihlanu ngelokuthumba, wagwetshwa engu-15 ngelokugebenga neminye iminyaka engu-15 ngokuzama ukubulala.

Izigwebo zakhe zonke zizohambisana.

Ngesikhathi iJaji uRatshilumela likhipha isigwebo lithe umdlwenguli owalahlwa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza phakathi nonyaka ka-2012 no-2015 akazange asithole isifundo ngokuphula umthetho.

INkantolo iphinde yaveza ukuthi ukugwetshwa kwakhe phambilini akuzange kumthene amandla ekwenzeni la macala.

Iphinde yathi akabonisi ukushintsha nokuzisola ngakho-ke asikho isizathu esibambekayo sokushintsha isigwebo ebesibekiwe.

Ngesikhathi kuqhubeka icala isisulu satshela iNkantolo ukuthi salimala kabi esithweni sangasese futhi asisakwazi ukusebenzisa isandla lesi esadutshulwa kuso njengoba iminwe yakhe ingasebenzi.

Umsolwa uwaphikile amacala akhe, kodwa iNkantolo yakuchitha lokho okwakushiwo umsolwa yavumelana nesimiso sombuso sokuthi umsolwa unecala kuwo wonke amacala abekwe wona.

UTerrence Nethonzhe ongumholi womphakathi e-Tshisahulu uthe bayasamukela isigwebo.

“Isigodi sethu sigcwele ubugebengu futhi amacala amaningi aseziNkantolo ezincane ahamba kancane  kangangokuthi abantu baze bacabange ukuthi abukho ubulungiswa,” kusho umholi womphakathi.

“Ukuthola lezi zindaba kuzoletha ithemba emphakathini futhi sesiyazi ukuthi kuzoba nobulungiswa ekugcineni.”

Izihloko zakamuva