Lubhalwe nguRorisang Modiba
UMaria Avila wayekhipha udoti emzini kaChris Brown eCalifornia ngoZibandlela ka-2020 ngesikhathi inja yakhe imhlasela.
UBrown uveze ukuthi wayishiya le ndawo futhi akazange amubuzele i-ambulensi ngoba esaba ukunakwa abezindaba.
UChris Brown ushiye umsizi wakhe opha endlini yakhe futhi akazange ambizele u-911, kuzwakale kwijaji laseLos Angeles.
Ijaji lithole ukuthi uBrown unecala ngokusemthethweni ngobudedengu ngemuva kokuthi inja yakhe, uHades, iCaucasian Shepherd engu-90kg egcinwe ukuze imvikele, yalimaza owayengumgcini wasendlini, uMaria Avila, emzini wakhe oseTarzana, eCalifornia ngoZibandlela ka-2020. U-Avila wayekhipha udoti ngesikhathi inja imhlasela.
Ulimale kanzima ebusweni nasengalweni yangakwesobunxele. Odokotela abahlinzayo basika isikhumba esiswini sakhe ukuze balungise umonakalo. Utshele inkantolo ukuthi unezibazi, unciphise amandla engalweni kanye nengcindezi yangemuva kokuhlukumezeka, futhi akakwazanga ukubuyela emsebenzini kusukela ngaleso sikhathi.
UBrown ethula ubufakazi wezwa inja ikhala, wagijima wehla wafica u-Avila enganyakazi ephansi, egcwele igazi.
Uthe inja wayivalela, wabheka ukuthi uyaphefumula yini wabe esefonela unogada wakhe ecela usizo. Akazange azishayele yena u-911. Uthe unovalo lokuthi kuzoputshuzelwa irekhodi kwabezindaba.
UBrown uthe imenenja yakhe ayihambe uma i-ambulensi isisendleleni. Wahamba amahora ngemoto waze wayoma egaraji likaphethiloli ngaphambi kokuthi atshelwe ukuthi kuphephile ukubuyela ekhaya. Abameli baka-Avila baphikisene enkantolo bathi wabaleka endaweni yesigameko. UBrown ukuphikile lokhu.
Indodakazi ka-Avila, u-Yoseline Espinoza, yethula ubufakazi mayelana nocingo olwaluthukile aluthola luvela ku-anti wakhe ngesikhathi ehlaselwa.
“I-ambulensi namanje ayikho. UChris Brown ubalekile endaweni yesigameko,” esho.
Ijaji linikeze u-Avila u-US $12.9-million. Udadewabo, uPatricia Avila, naye owayesendaweni ngalolo suku, waklonyeliswa ngo-US$885,000 ngenxa yokucindezeleka akuthola. Umyeni ka-Avila, u-Oscar Olivo, uklonyeliswe ngo-US$50,000. U-Avila wayemangalele imali elinganiselwa ku-US$90-million, imali elinganiselwa ku-R1.4-billion.
Esithombeni esingenhla: UChris Brown.
Umthombo wesithombe: Instagram
