Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Itekisi ibithwele abantu abadala abangu-14 nezingane eziyisithupha ezineminyaka emihlanu kuya kweyisikhombisa ngesikhathi igingqika ku-N1.
Abagibeli abathathu balashelwe imihuzukwana, abanye abebegibele bengenazo izincwadi zokuhamba ezidingekayo, amaphoyisa akuqinisekisile.
Izingane eziyisithupha ezineminyaka ephakathi kwemihlanu neyisikhombisa ziphakathi kwabantu abangu-20 abebegibele itekisi ebisuka eKapa ilibangise eMozambique ngesikhathi igingqika ku-N1 ngoLwesibili ekuseni.
Ingozi yenzeke ngemuva kuka-08:40, cishe u-19km usuka eHanover ulibangise eColesberg eNorthern Cape. Amaphoyisa athi inqola enamathiselwe etekisini ibe nenkinga, okudale ukuthi imoto igingqike.
Abagibeli abathathu kwabangu-20, abadala abangu-14 nezingane eziyisithupha, balashelwe imihuzukwana abosizo lokuqala endaweni yesigameko.
Akekho oshonile kule ngozi.
Kungokwesibili kwenzeka ingozi ebandakanya abantu abahamba benqamula imingcele yaseNingizimu Afrika ezinsukwini ezimbalwa. NgoLwesithathu ekuseni, kushone umshayeli webhasi kwalimala abagibeli abangu-11 ngesikhathi ibhasi ebelithwele abantu baseMalawi libayisa eBeitbridge Repatriation Camp ligingqika ku-N1 ngaseMusina, ebangeni elingaphezu kuka-1 000km.
Abanye babagibeli bebenezincwadi zokuhamba. Abanye bebengenazo. Amaphoyisa adlulisele lolu daba kwabokufika ukuze baqhubeke nokusebenza. AbeSocial Services nabo bangenelele babheke izingane ezithintekayo.
I-SAPS, i-Emergency Medical Services, abokufika kanye ne-Social Services bonke basamile endaweni yesigameko besiza.
Amatekisi amabanga amade ama ngaphandle kweKapa ajwayele ukuhamba phakathi kwezifundazwe zaseNingizimu Afrika, angaweli umngcele wamazwe ngamazwe. Obani abahlele lolu hambo oluqondile, nokuthi abagibeli bahamba kanjani ndawonye, akwaziwa namanje.
Amaphoyisa anxusa bonke abashayeli bezimoto ukuthi baqinisekise ukuthi izimoto zabo zisesimweni esifanele sokuhamba ibanga elide, bashayele ngokucophelela.
Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.
Umthombo wesithombe: Pexels
