Ucela uxhaso umsubathi okhubazekile

Ibhalwe nguNothando Makhubela

Angahle ashabalale amathemba omsubathi okhubazekile uCollen Mahlalela okumela elakuleli kuma-International Wheelchair and Amputee Sports World Games (IWAS).

Lo msubathi owazalwa engenayo iminwe udinga u-R65 000 kulolu hambo lwangoLwezi njengoba kuthiwa uNgqongqoshe woMnyango wezamaSiko, ezeMidlalo nokuNgcebeleka eMpumalanga wehlulekile ukugcina isethembiso sakhe sokumsiza ekukhokheleni uhambo lwakhe.

Lo msubathi (26) waseMasibekela eNkomazi, eMpumalanga uzobamba iqhaza emqhudelwaneni ka-100 metres, oka-200-metres kanye nowe-long jump.

UMahlalela uthi ukhulume noNgqongqoshe uThandi Shongwe ngomhlaka-18 kuMandulo emcimbini wezindondo zezemidlalo yaseMpumalanga lapho athole khona indondo yokuba umsubathi ovelele okhubazekile wonyaka.

“Ngemuva kokuthola indondo yami, ngikhulume noNgqongqoshe uShongwe mayelana nohambo lwami lokuya e-Portugal nesidingo soxhaso luka-R65,000 ukuze ngikwazi ukukhokhela izindleko zami zokuhamba, i-visa, indawo yokuhlala kanye nempahla yokubamba iqhaza.

“UNgqongqoshe uthe uzosiza waze wangidlulisela kuMphathi woMnyango,” echaza.

Kodwa uMnyango uthi awuzazi izethembiso ezenziwe uNgqongqoshe uShongwe.

“Inhliziyo yami ibuhlungu. Bekumele ngifake isicelo sami se-visa kuleli sonto. Ngithandazela isimangaliso sokuthi ngithole umxhasi,” esho.

Okhulumela uMnyango uSibongile Nkosi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi “Kumele kuqondwe ukuthi umnyango unesabelomali esilinganiselwe futhi ngenxa yalokho iningi lezinhlelo zixhaswa ngeSabelo Sezibonelelo esivela eMnyangweni kaZwelonke.

“Ngakho-ke uMnyango ngeke ukwazi ukusiza uCollen Mahlalela njengoba ungenaso isabelo sokuxhasa imiqhudelwano yamazwe ngamazwe,” engeza.

UMahlalela wazalwa engenaminwe esandleni sokudla.

Lo msubathi onekhono uhlomule ngendondo yegolide ku-100m kanye no-200m kwi-long jump ngesikhathi semiqhudelwano ye-Paralympic National Championships ebisingethwe e-Windhoek ngoMasingana.

Imidlalo ye-IWAS izosingathwa edolobheni lase-Vila Real de Santo Antônio kusukela ngomhlaka-23 kuya kumhlaka-29 kuLwezi.

UMahlalela unikezane ngenombolo yakhe yocingo ukuze noma ngubani ofisa ukusiza amthinte ngqo. Inombolo enikeziwe ithi:072 667 8928.

Isithombe esingenhla: UCollen Mahlalela.

Umthombo: Unikeziwe

Izihloko zakamuva