UCastro uxwayisa ozakwabo kuKaizer Chiefs

Menzi Magubane

Kunzima laphaya.

Lesi yisexwayiso somgadli weKaizer Chiefs uLeonardo Castro otshele ozakwabo ukuthi ukudlala kumaqoqo e-CAF Champions League akuwona umdlalo wezingane.

NgoLwesibili Amakhosi azoqala umkhankaso awo e-Champions League ku-Group C ebhekene neHoroya yase-Guinea e-FNB Stadium e-Soweto ngehora le-6 ntambama.

Iqembu lase-Columbia liyawazi lo mncintiswano ngemuva kokuwunqoba neMamelodi Sundowns ngowe-2016.

“Kufanele uthathe amathuba” kusho uCastro, othe imidlalo yasekuhambeni inzima kakhulu.

“Okungenani siqala ekhaya futhi lokho kumele sikusebenzise ukuze sizuze.”

Uthe, izimo kwamanye amazwe ase-Afrika zinzima kakhulu kodwa ukuthola amaphuzu kude kubalulekile.

“Ukuza nephuzu ekhaya kuhlale kuyimpumelelo enkulu.

“Kuzofanele sinciphise amaphutha bese sizama ukuthola amaphuzu kuqala ukuze siwunqobe umdlalo bese sihamba namaphuzu aphezulu,” kusho uCastro.

Lona ngumdlalo wokuqala weChiefs emidlalweni yamaqoqo alo mqhudelwano.

Amakhosi bekufanele adlale neqembu lase-Morocco iWydad Casablanca emdlalweni wabo wokuvula ku-Group C emasontweni amabili edlule.

Phakathi kwezinxushunxushu zokulungiswa komdlalo usuhlehliswe amahlandla amathathu.

IBelouizdad bekufanele idlale neSundowns ngoMgqibelo kodwa lowo mdlalo wakhanselwa ngenxa yemikhawulo ye-Covid-19 e-Algeria.

La maqembu omabili iWydad neqembu lase-Algeria iCR Belouizdad banikezwe umnqamulajuqu wokuqinisekisa izindawo nezinsuku zabo okuvunyelwene ngazo njengokusho kwemithetho ye-CAF Covid-19.

I-Tanzania Football Federation ikuqinisekisile ukuthi izokwamukela iBelouizdad lapho izobhekana khona neDowns ngeSonto eBenjamin Mkapa Stadium, e-Dar es Salaam.

Ngosuku olufanayo iWydad izokwamukela Amakhosi e-Burkina Faso e-Agasti 4 Stadium e-Ouagadougou.

Umthombo wesithombe: @mpolokengmohafa

Izihloko zakamuva