Ucansi olwenziwa ngomlomo ludala umdlavuza-udokotela

Ucansi olwenziwa ngomlomo luyimbangela yomdlavuza womphimbo, kuxwayisa uDkt Hisham Mehanna ongudokotela ohlinzayo eNyuvesi yase-Birmingham.

Okushicilelwe i-The Conversation, uMehanna uxwayise ngokuthi umdlavuza womphimbo eMelika nase-UK usufinyelele ezingeni eliphezulu.

Uthe u-70% wezigameko zomdlavuza womphimbo udalwa i-human papillomavirus (HPV), okuyigciwane elithathelana ngokocansi elingaholela kwizinhlobo eziningi zomdlavuza.

Labo abenza ucansi lomlomo nabantu abahlukene basengozini ephindwe kayisishiyagalolunye yokuba nomdlavuza womphimbo.

Inani labantu abaphethwe umdlavuza womphimbo eMelika lenyuke cishe ngo-1% ngonyaka kwabesifazane kanye no-3% kwabesilisa kusukela ngo-1999.

E-UK abantu abaphethwe umdlavuza wekhanda nentamo cishe bangu-12,000 kanye nokushona kwabantu abangu-4,000 ngonyaka.

Imithi yokugomela i-HPV iyatholakala, kodwa bangu-54% kuphela abantu baseMelika abathole lo mgomo, lesi sibalo singaphansi kakhulu kwisibalo esingu-80% okukholakala ukuthi siyadingeka ukuze kuphephe abantu.

Umuthi wokugoma ungumthamo ophindwe kabili kwizingane ezineminyaka engu-11 kuya kwezineminyaka engu-12 kanti imijovo ihlala izinyanga ezingu-12. Kulabo abaphuthelwa umgomo ama-dose amathathu atholakala kubantu abaneminyaka engu-15 kuya kwemgu-26. 

Ngo-2020 nomthamo wabantu besilisa wandiswa.

Ucansi olwenziwa ngomlomo luyingozi enkulu ngisho nangaphezu kokubhema ugwayi, ukuphuza utshwala noma ukudla okungenampilo.

Ukutheleleka nge-HPV kungenzeka ngemuva komphimbo noma eduze nama-tonsil, okungaholela kumdlavuza womphimbo.

Nakuba lezi zifo zivame ukuziphelela ngokwazo, ngezinye izikhathi zingaphikelela futhi zidale umdlavuza.

UDkt Eric Boakye ongumsizi kasosayensi e-Henry Ford Health Centre e-Detroit, e-Michigan, uhole ucwaningo olubonisa ukuthi bambalwa abantu baseMelika abazi ukuthi i-HPV ingabangela umdlavuza womlomo wesibeletho.

Kusukela ngo-2014, inani labantu abanomdlavuza womphimbo lehle ngo-7%.

“Uma kubhekwa ukuxhumana phakathi kokuqwashisa ngomdlavuza ohambisana ne-HPV kanye nokuthathwa komgomo we-HPV, kubalulekile ukuthi sandise ukuqwashisa abantu ngalo mdlavuza ngoba singasiza ukwandisa ukutholwa komgomo.”

Luhlanganiswe ngumbhali we-Scrolla

Isithombe esingenhla: Ubuhlungu bomphimbo

Izihloko zakamuva