Ubuyile uSimone Biles ukuzodlala i-Balance beam

Dylan Bettencourt

USimone Biles waseMelika oyi-Gymnast owahoxa kuma olimpiki ngenxa yezifo eziphathelene nomqondo uzobuya azoqhubeka nomcintiswano we-Balance beam kowamanqamu.

Abaningi bacabange ukuthi angeke bamubone lo mdlali oneminyaka engama-23, ongumpetha kuma-olimpiki, aphinde engenela umqhudelwano kule midlalo yalonyaka ngemuva kokuba ahoxe kuyoyonke imidlalo yabesifazane ekubalwa kuyo i-Individual vault ne-uneven bar final.

I-USA Gymnast ikuqinisekisile lokhu ku-Twitter ukuthi uSuni Lee beno Simone Biles bazoqhudelana kowamanqamu.

Babhale  ku-Twitter ukuthi abadlali ababili be-USA Gymnast bazoqhudelana kwi-Balance beam kowamanqamu kusasa. Silinde ngabomvu ukunibona nobabili kusho umbhalo we-Twitter.

UBiles useke wawina izindondo ezine ngonyaka wezi-2016 e-Rio kuma-olimpiki, uwine eziyisithupha kwimidlalo yakulonyaka  okumenze  waba nguyena kuphela umuntu wesifazane ophumelele ngalendlela,  kodwa uthe uhlushwa kakhulu ama-Twisters lokho okumenza abe nokudideka kwengqondo uma esemoyeni.

Umhlaba wonke uzobe umubuka ngoLwesibili, ngaphandle kweszinkinga anazo kodwa ungenele lo mcintiswano wokuwina indondo yegolide.

Noma kungathiwa usahambe ibanga elincane, kodwa usekwazile ukuwina izindondo zegolide ezine waphinde wawina indondo ye-19 World Championship .

Ngo 10:50 uBiles uzobe eseqala ukudlala i-Balance beam final ngoLwesibili ngethemba lokuthi uzokwazi ukufinyelela esiteji ukulanda indondo yakhe yesithupha yama-Olimpiki.

Izihloko zakamuva