UButhelezi uzohlonishwa ngesikhungo sezemidlalo sika-R25 million oLundi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi ophinde abye nguNdunankulu kaZulu kulindeleke ukuthi ahlonishwe ngesikhungo sezemidlalo esisezingeni eliphezulu esibiza u-R25 million.

Lesi sikhungo esizoqanjwa ngoButhelezi, sihlose ukuhlinzeka izingane eziphuma ezindaweni zasemakhaya ngendawo esezingeni elifana nalezo ebezihlinzekwa izingane zabamhlophe ngesikhathi sobandlululo.

Ukwethulwa kokwakhiwa kwalesi sikhungo  kwenzeke ngoLwesine ehholo ledolobha lasoLundi, lapho bekugcwele khona amalungu omphakathi neziphathimandla zikamasipala wendawo.

UButhelezi akakwazanga ukuya kulo mcimbi njengoba engeniswe esibhedlela kusukela ngoMsombuluko ngenxa yokudunguzela okuncane.

IMeya kaMasipala wasoLundi uWilson Ntshangase income uButhelezi ngeqhaza lakhe elibalulekile ekuthuthukisweni komphakathi nokuzinikela kwakhe ekuhlomiseni abantu abasha ukuze babe nekusasa eliqhakazile.

“I-Indoor Sports Complex izoba namakhodi ezemidlalo ahlukene, ikakhulukazi lawo abebekelwe ondlebe zikhanya ilanga ngesikhathi sobandlululo.

Sifuna izingane zethu ezivela emagcekeni anothuli Olundi zikhule futhi zibambe iqhaza ebholeni lomnqakiswano, kwithenisi, i-volleyball neminye imidlalo ezizohlinzekwa ngayo kule ndawo yezemidlalo,” kusho uNtshangase.

USphamandla Ntombela, oyikhansela leNFP Olundi uzwakalise ukuleseka ngokugcwele lolu hlelo, okuhloswe ngalo ukulinganisa inkundla yemidlalo yazo zonke izingane kungakhathalekile ukuthi zinayo imali noma cha.

Ugcizelele ukuthi inhloso yalo msebenzi ukuhlinzeka ngamathuba alinganayo entsheni njengoba izingane eziningi ezintulayo ziphoqeleke ukudlala ibhola kuphela ngenxa yokushoda kwezinsiza.

UNelisiwe Bhengu oyilungu lomphakathi, uyamukele intuthuko egqamisa ukuthi i-Indoor Sports Complex izoshintsha imidlalo yezingane zasemakhaya osekunesikhathi eside ziphoqeleke ukubamba iqhaza emdlalweni owodwa.

“Siyajabula ukuthi ngisho nabazali abangasebenzi njengathi bazothola ithuba lokuyisa izingane ziyodlala imidlalo eziyithandayo uma isizini kulendawo,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: Amalungu omphakathi neziphathimandla zikamasipala wasoLundi ngesikhathi kuphendulwa isoyi lapho kuzokwakhiwa khona isikhungo sezemidlalo okuhlonishwa ngaso uMntwana wakwaPhindangene esizodla u-R25 million oLundi.

Umthombo wesithombe: Celani Sikhakhane

Izihloko zakamuva