UButhelezi uthi “inzondo” ye-ANC ebhekiswe kuye iyimbangela yokuvalwa kwamakolishi

Celani Sikhakhane

Owayengumholi we-IFP uMangosuthu Buthelezi usole uhulumeni ngokuvala ezinye izikhungo zemfundo ephakeme njengengxenye yenzondo ebhekiswe kuye.

UButhelezi wenze lezi zinsolo ngenkathi ekhuluma nomphakathi waKwaNongoma ngoLwesihlanu, lapho ebemenywe khona ngumasipala wendawo waKwaNongoma ukuthi azonikeza ngezinsiza kusebenza zezolimo.

Ngesikhathi esangumholi kuhulumeni waKwaZulu wakudala kusuka ngowe-1977 kuya kowe-1994, uthe wakhe la makolishi ngenhloso yokusiza abantu abamnyama ababecindezelwe uhulumeni wobandlululo.

“Lawo makolishi engawakha ngaleso sikhathi awasekho. Uhulumeni we-ANC unqume ukuwavala wonke ngenxa yenzondo abanayo ngami,” etshela isixuku.

“Ngaze ngakha iMangosuthu University of Technology, isibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial nezinye izikhungo”.

Amanye amakolishi avaliwe kubalwa i-Cwaka college of education, i-Appelsbosch college of education, uMzimkhulu college, ikolishi lokuqeqesha othisha laseNtuzuma, ikolishi lakwaGqikazi namakolishi abahlengikazi.

Phakathi kowe-1994 nowe-2000, uhulumeni wavala amakolishi okuqeqesha othisha wawahlanganisa nezinye izikhungo.

Lesi sinyathelo bekuhloswe ngaso ukuthi “kunqotshwe ukungalingani kwezemfundo ngesikhathi sobandlululo futhi kuncishiswe inani labasebenzi bezikole zamabanga aphansi,” kusho uNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme uBlade Nzimande.

Ngemuva kwesinqumo sikahulumeni sokuvala amakolishi, uButhelezi usole ukuthi iningi lezifundo zidluliselwe emanyuvesi futhi, uthi, osopolitiki be-ANC babeke izaba zokuthi lawo makolishi ayesezingeni elibi ukuthi kungafunda abafundi abamnyama.

Ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwangowezi-2019, i-IFP ibikhankasela ukuvulwa kwamakolishi.

Impi phakathi kwe-IFP ne-ANC mayelana nezikhungo zemfundo isiqhubeke iminyaka eminingi.

Izihloko zakamuva