Ubukhosi bakwaZulu buyazila futhi

Zukile Majova

Isikhashana ngemuva kokulahlekelwa ngusisi wakhe kanye namakhosazana amabili, iNkosi yakwaZulu uGoodwill Zwelithini uzilile futhi.

Kulesi sikhathi usingabhuti wakhe iNkosana uMandla Zulu, odlule emhlabeni ngoLwesithathu. INkosana uMandla ubeyilungu eliphakeme lomndeni wasebukhosini wakwaZulu njengoba ebeyindodana yeNkosi uSolomon wendlu yasebukhosini yaseYibindini.

Futhi ubeyilungu elithembekile le Inkatha Freedom Party, lapho abeyilungu ekomidini eliphezulu kuzwelonke.

I-ANC KwaZulu-Natali ithe iNkosi isilahlekelwe amalungu amane omndeni ngesikhathi senyanga eyodwa nje kuphela.

” kuyadabukisa ukuthi iNkosi yakwaZulu ilahlekelwe ngamalungu omndeni ngokulandelana.

” I-ANC KwaZulu-Natali iyakuqonda ukuthi ukwedlula emhlabeni kweNkosana uMandla Zulu kufika ngesikhathi lapho ubukhosi bakwaZulu busazilele ukwedlule emhlabeni kwaMakhosazana amabili uNobuhle kanye noBusi abasendaweni yasebukhosini baseMbelebeleni, eNyakatho neTheku.”

Ngaphambi kwalokho,iNkosi ibizilele ukwedlula emhlabeni kukadadewabo iNdlovukazi uNoloyiso Sandile obeyiNkosi yombuso wamaRharhabe e-Eastern Cape.

Isithombe: ubuciko namasiko eKwaZulu-Natali