Ubuhlungu u-SARS ushaqa yonke ifenisha kasaziwayo

Doreen Mokgolo

Umculi ophinde abe ngumdidiyeli uDr Malinga usole owayengumphathi wamabhuku ezimali ngokumnikeza izeluleko ezingezinhle ngemuva kokulahlekelwa izimpahla ezibalulekile ezithathwe ngenxa yokungakhokhi intela.

Ngomhlaka-18 kuNtulikazi izikhonzi zeNkantolo zaya emzini walo mculi obiza i-R3.3 million e-Zambezi, e-Tshwane njengoba ekweleta i-South African Revenue Services (i-Sars) u-R2.1 million wentela engakhokhiwe.

Bamphuce ifenisha, izinto zomculo neveni, bathatha isamba sika-R500,000 sezimpahla.

Ekhuluma okokuqala emphakathini mayelana nosizi lwakhe uDr Malinga uchaze ukuthi akazange alulekwe kahle ngumeluleki wezimali zakhe. 

“Nginamabhizinisi amabili okuyilebuli yokuqopha i-Linga’s Entertainment neDr Malinga esebenza njengezinhlaka ezimbili ezihlukene,” echaza.

“Ngiyayenza imali kuwo womabili ngokuhlukana futhi intela ngiyikhokhela kuwona womabili amabhizinisi.

“Umgcini mabhuku wami wehlulekile ukungeluleka ngendlela kwaze kwashaya isikhathi ngagcina sengiqongelela u-R2.1 million engangiwukweleta abakwa-Sars.”

Uqhube wathi uthathe isinqumo sokubambisana nabo wanikela ngempahla yakhe ngaphandle kokulwa.

“Bengazi ukuthi sekushaye isikhathi sokwenza amalungiselelo, ngazitshela nomndeni wami ukuthi ngizosebenza kanzima ukuze ngivale izikhala zabo.

“Ngisenalo ithalente okungekho muntu ongangiphuca lona ukuze ngiphinde ngilakhe futhi.”

Lo mculi uthe lesi sigameko asihlukile nangesikhathi edunwa itekisi yakhe ngo-2004 emuva kokudayisa imoto ayiwina emqhudelwaneni wokucula.

“Ngesikhathi ngithenga lelo tekisi ngangizitshela ukuthi seziphelile izinsuku zami zokuswela, kodwa yathathwa izigebengu emuva kwezinsuku ezine ngiyithengile.

“Lobo buhlungu bungigqugquzele ukuthi ngisebenze kanzima futhi ngakwazi ukuzuza okwengeziwe ngokuhamba kweminyaka.”

Lo mculi uthe kumzwisa ubuhlungu ukuthi bonke abangani bakhe nabantu abasize eminyakeni edlule bamlahlile. 

Akafuni iminikelo, kodwa udinga amagigi ukuze akwazi ukwenza imali.

“Ngiyajabula ukuthi umndeni wami uyangiseka. Indlu yami ayikabi nalutho, kodwa umama unginike ifriji lakhe elidala kanti lokho kuyisiqalo.”

Izihloko zakamuva