Ubugebengu obungalawuleki e-Alex

Everson Luhanga

NgoLwesihlanu mhla zi-16 kuMbasa ngehora lesibili ezintathakusa, iqembu lamadoda ayisishiyagalombili abehlome ngezibhamu ligqekeze izindlu eziyisishiyagalolunye e-Alexandra, enyakatho neGoli.

Kudutshulwe kwabulawa indoda eyodwa, kanti abahlali baphucwe omabonakude, ama-laptop nomakhalekhukhwini.

Ngokuhamba kwesikhathi ngalo lolo suku ekuseni, eminye imindeni emithathu yabanjwa inkunzi kusebenziswa amaqhinga afanayo.

Kuthe ngoLwesine, umphathi wesiteshi samaphoyisa e-Alexandra uBrigadier Lindiwe Magudulela waqinisekisa esinye isigameko samadoda ayishumi abehlome ngezibhamu ahlasela imindeni abakhomba ngezibhamu, ayiphuca izimpahla zawo.

Amaphoyisa asola ukuthi yiqembu elifanayo, kodwa okwamanje abakabi nnabo ubufakazi.

Umphakathi wase-Alexandra unxenxa i-South African National Defence Force ukuthi itshalwe emphakathini yawo ukulawula isimo.

UKhathu Makovhololo ungumasitende wendawo lapho la madoda abambe khona inkunzi abaqashi bakhe ngoLwesihlanu lomhla zi-16.

Uthe lesi sigameko senzeke ngehora lesibili ezintatha. “Unkosikazi wami wangivusa engitshela ukuthi kunomsindo ongajwayelekile egcekeni. Ngesikhathi ngilunguza ngefasitela, ngabona amadoda ephethe izibhamu namapiki egqekeza amagumbi abahlali bami. Omunye wabaqashi bami udutshulwe wabulawa,” kusho uKhathu. Abaqashi bantshontshelwe izingcingo zabo nomabonakude.

UNtanganedzeni Manenzhe uthe ubelele eceleni kukadadewabo oneminyaka eyu-17 ngesikhathi evuka kukhona amadoda amabili egumbini lakhe efuna umakhalekhukhwini.

Uthe lesi sigameko besifana nephupho. “Asazi ukuthi kungani la madoda aqhubeka nalolu dlame.”

Okhulumela amaphoyisa uSayitsheni Simphiwe Mbatha uthe amaphoyisa aphenya amacala okubulala, ukuzama ukubulala nokugebenga.

Izihloko zakamuva