Dylan Bettencourt
U-Edith Murway-Traina ohlala e-Tampa endaweni yase-Florida eMelika, usekhombise umhlaba wonke ukuthi iminyaka ayisho lutho noma ngabe inezinombolo ezintathu. Usephenduke i-Guinnes world record kwimincintiswane yabantu asebekhulile abaneminyaka ey-100.
Eminyakeni eyisishiyagalolunye waya kwindawo yokuzivocavoca lapho wafika wabona abantu besifazane bequkula izinsimbi. Wakuzama lokhu wavele wakuthanda kakhulu.
Uthe ngenkathi ebuka laba besifazane bequkula izinsimbi nami ngaqukula ezimbalwa ngokuhamba kwesikhathi ngaqala ukuthanda ukuya kwindawo yokuzivocavoca. Bengiziphosela inselelo ukuze ngibengcono, kodwa ngemuva kwesikhathi ngase ngikwithimba labo.
Abangani bakhe abamgqugquzela ukuba afike endaweni yokuzivocavoca bathi ubequkula insimbi engathi uqukula isikhwama. Baphinde bathi lona oneminyaka eyi-100 uyathanda ukuzifakela inselelo nokusebenza kanzima.
Okumele ukwenze ku-Edith ukuthi umutshele okwenziwayo okusha uzozifikela khona lapho kusho umngani wakhe.
Besingazi ukuthi uzogcina esequkula izinsimbi, kodwa wathi, ake ngizame lokhu njengoba manje esengumpetha ekuqukuleni izinsimbi.
U-Edith uyisibonelo esihle kubantu abaningi, kodwa okumgqugquzelayo indlela abantu abamshayela ngayo izandla baphinde bamuphe uxhaso lokho kumenza abe nomfutho omukhulu.
U-Edith usaya phambili futhi akakhombisi izimpawu zokuthi kukhona okungaphazamisa indlela yakhe.
Umthombo wesithombe: @TorontoSun