Uboshiwe umphrofethi obhaxabule abazalwane ngenduku

Kamogelo Olaitan

Ozibiza ngomphrofethi wase-Uganda uboshiwe wathweswa icala lokushaya nokushushumbisa ngemuva kokubhaxabula abazalwane bakhe.

Kwividiyo efakwe ezinkundleni zokuxhumana umprofethi uKintu Dennis, we-Hoima Empowerment Church International ubonakala ebhaxabula amalungu ebandla lakhe ngezinduku.

Umphrofethi usole amalungu ngokungakwazi ukuzimisela nokufika sekudlule isikhathi esontweni. Lo mphrofethi obethukuthele uzwakale enikeza amalungu ebandla umqamulajuqu ebatshela ukuthi beze phambi kwebandla ukuze bashaywe ngezinduku noma bayeke ukuhambela umkhuleko balahlekelwe ilungelo lokuphatha umbhobho wakhe.

I-BBC News ibike ukuthi amalungu athole isibhaxu esisodwa ngesikhathi kanti lonke ibandla libukele kudlala umculo opholile ngemuva.

Isigameko sangeSonto eledlule sivele ngesikhathi kusatshalaliswa le vidiyo ezinkundleni zokuxhumana.

UKintu uboshwe namanye amalungu amane aphezulu ebandla ngoLwesithathu olwedlule.

Amaphoyisa e-Hoima Grade One athi umphrofethi utshele abaseshi ukuthi ubekhombisa nje ukuthi uJesu ubaphatha kanjani labo abathola bedayisa esontweni.

Iziphathimandla zithi ubeqhuba isonto ngokungemthetho.

Uphenyo olwenziwe ebandleni lakhe kutholwe izinduku ezintathu amaphoyisa athe zisetshenziswa ukushaya amalungu.

UKintu ugcinwe esitokisini kuze kube umhlaka-7 kuMandulo. 

Umthombo wesithombe:@BBC

Izihloko zakamuva