Uboshiwe odubule esidlangalaleni ngemashi yase-Pakistan

Lubhalwe nguQueenEsther Iroanusi

Kudutshulwe owayenguNdunankulu wase-Pakistan u-Imran Khan emlenzeni ngesikhathi kunemashi edolobheni lase-Wazirabad ngoLwesine.

UKhan udubuleke ngemuva kokuthi owesilisa obehlomile evulele ngenhlamvu endaweni yombhikisho kwathi abanye abayisithupha okubalwa nosopolitiki uFaisal Javed Khan nabo kuthiwa balimele kulokhu kuhlasela.

U-Azhar Mashwani oyisikhulu seqembu likaMnu Khan e-Pakistan i-Tehreek-e-Insaf, ukuqinisekisile ku-Al Jazeera ngoLwesine ukuthi usopolitiki udutshulwe emlenzeni, kodwa isimo asikho bucayi.

Uphuthunyiswe esibhedlela e-Lahore.

Ovulele ngenhlamvu uboshwe ngamaphoyisa endaweni yesigameko. Kodwa ukuthi ungubani akukacaci.

Izithombe ezibonwe ku-Al Jazeera zimkhombisa eqhweba abalandeli bakhe ngesikhathi efakwa emotweni ngonogada.

UNdunankulu uShehbaz Sharif usekhiphe isitatimende esigxeka lesi sigameko wacela iziphathimandla ukuthi ziqale uphenyo ngokushesha.

Lowo owayenguNdunankulu ubehola imashi ebheke enkabeni yedolobha i-Islamabad befuna kube nokhetho oluphuthumayo.

Uqale imashi yakhe ende ngomhlaka-28 ngoMfumfu esuka e-Lahore futhi kulindeleke ukuthi afike e-Islamabad ngomhlaka-11 kuLwezi.

Wasuswa njengoNdunankulu ngoMbasa ngevoti lokungathenjwa ePhalamende kanti ufuna ukuthi kube nokhetho kusenesikhathi.

Unobhala wezindaba e-White House uKarine Jean-Pierre uhlanganyele noNdunankulu wase-Canada uJustin Trudeau ekugxekeni ukuhlasela.

“Izwe laseMelika likugxeka kakhulu ukuhlaselwa kuka-Imran Khan nabasekeli bakhe futhi sithemba bonke abalimele bazolulama ngokushesha,” kusho uKarine.

Isithombe esingenhla ngeka-Imran Khan

Umthombo wesithombe: @Siassat

Izihloko zakamuva