UBig Xhosa

Sizwe Sibiya

Ubani obengacabanga ukuthi ukuzenza isilima eNingizimu Afrika kunganikeza umculi umfutho owanele ukuthi aqale umsebenzi wezomculo.

USesethu Myeki umrepha odume ngokuthuka nokumemeza imilolozelo ehlekisayo ngaphansi kwegama lakhe elithi Big Xhosa, ubuye aziwe ngegama lasesiteji elithi SOS, – ukwazile ukuguqula umsebenzi wakhe wezomculo esebenzisa le ndlela ehlekisayo futhi enolaka.

Ngemuva kokunakwa kakhulu ngesikhathi ehlabelela ingoma yakhe yokuqala ethi “Ninyile”, leli culo elaliqonde kubo bonke omrepha baseNingizimu Afrika ngoMbasa ngowezi-2021, lo mculi oneminyaka engama-22 ubudala usaqhubeka, ukhipha ingoma entsha cishe njalo ngesonto.

I-freestyle yakamuva kaBig Xhosa ethi-“Can’t Fall Off”, ekhishwe ngomhla zingama-29 kuMandulo, ibiqukethe yena lo mculi uSOS. Umrepha ukhombisa amakhono akhe okudlala ngamagama nezingathekiso ezingomeni zakhe.

“Nicabanga ukuthi ngiwile ngenxa yokuthi angisadumile ku-Twitter, kanti anazi ukuthi nginabalandeli abaningi njengezinombolo zethikithi le-Lotto,” kusho uSOS ekhuluma nalabo abathi akasesiyo “intandokazi”.

Yize edume ngezingoma ezihlekisayo, lo mrepha – wasesigodini esincane esibizwa ngokuthi i-Cathcart e-Eastern Cape – ukubeke kwacaca engxoxweni abe nayo nephephabhuku i-DRUM ukuthi akayena usomahlaya, ethi ufuna nje ukuthi izingoma zakhe “zivuse umuzwa ngokweenza abantu bamamatheke noma bajabule”.

Umthombo wevidiyo: i-YouTube

Izihloko zakamuva