UAyanda Dlamini ushiye phansi izintambo njengomqeqeshi waMazulu

UAyanda Dlamini usesulile ekubeni ngumqeqeshi omkhulu waMaZulu ngemuva kwemidlalo eyisithupha nje vo ye-DStv Premiership. Uhole iqembu laseThekwini ekunqobeni umdlalo owodwa, wadlala ngokulingana emithathu wase ehlulwa kabili.

Umsizi wakhe uAllan Freese ungene kulesi sikhundla njengomqeqeshi wesikhashana kuze kube abaphathi abaphambili boSuthu bathola umuntu ozovala isikhala sikaDlamini. Ngokwesitatimende esithunyelwe yiqembu lo mdlali oneminyaka engama-36 akazange axoshwe kodwa wehle ngokuzithandela.

“Umqeqeshi omkhulu uAyanda wenze umsebenzi oncomekayo selokhu aqala ukuba ngumqeqeshi omkhulu. Uthando nentshiseko abadlali abayikhombisile ngaphansi kwesikhundla sakhe njengomqeqeshi omkhulu kukhombisa ukuthi ungomunye wethemba lakusasa,” kusho umengameli waMaZulu uSandile Zungu esitatimendeni.

UDlamini usize Usuthu ukuba lingayi ehlathini ngesizini edlule njengomqeqeshi obephethe ngaphambi kokuthola ukuzethemba kubanikazi bangaphambilini ngenkontileka yesikhathi eside. UZungu wengeze ngokuthi, uDlamini uzohlala ekilabhini.

“Siyaqhubeka nokumethemba ngokuqhubekisela phambili izinhlaka zethu zentuthuko ngoba uzibophezele ngokuphelele embonweni wangonyaka wezi-2032. Umsebenzi wakhe ubaluleke kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi AmaZulu anesisekelo esiqinile sabadlali abasebancane abangena ezingeni.”

Lo mdlali owake wagadla Usuthu usephenduke umqeqeshi wesine ukushiya umsebenzi wakhe kule sizini. Abanye, nokho, baxoshwa amaqembu abo.

Izihloko zakamuva