U-Eskom usebenzisana ne-IEC ukugwema ukucisha kukagesi ngosuku lokhetho

Dylan Bettencourt

Ukuphela kukagesi esikhungweni sokusebenza kwemiphumela yokhetho (i-ROC) ngoMgqibelo ebusuku kuphoqe iKhomishini yoKhetho (i-IEC) ukuthi ihlangane nenkampani ephehla ugesi u-Eskom ukuqinisekisa ukuthi ugesi awupheli ngosuku lokhetho.

Okhulumela i-IEC, uKate Bapela, uthe basebenzisana nenkampani ephehla ugesi kanye nedolobha lase-Tshwane ukuze baqinisekise ukuthi ugesi awuphazamiseki ngosuku lokhetho ngoMsombuluko.

“Kuyizingxoxo eziqhubekayo zokuqinisekisa ukuthi akukho ukuphazamiseka ekusebenzeni kwethu. Sisebenza ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo ziqinile njengoba sibheke kumhla wokuqala kuLwezi, lapho izigidi zabantu baseNingizimu Afrika zizobe zivota kulolu khetho,” kusho uBapela.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo uThabo Charles Mabaso uthe i-circuit breaker iphazamisekile okwenze ukuthi kuphele ugesi kulesi sikhungo.

Njengoba kube nokucishwa kukagesi kulo lonke isonto eledlule, abaningi bebekhathazekile ngokuthi usuku lokhetho luzophazanyiswa ukucishwa kukagesi.

U-Eskom, nokho, uqinisekise isizwe ukuthi ngeke kube nezinkinga zikagesi ngosuku lokhetho ngemuva kokumiswa ukucishwa kukagesi ngoLwesihlanu ngehora lesishiyagalombili  ebusuku.

“Sisebenza namayunithi ayingozi, kodwa sicele ozakwethu eziteshini zikagesi ukuthi baqaphele ukuze baqinisekise ukuthi siba nogesi ngosuku lokhetho,” kusho iChief Operating Officer yakwa-Eskom uJan Oberholzer.

Umthombo wesithombe: @DailyMaverick

Izihloko zakamuva