U-DJ Makoti ubonga impumelelo abe nayo ngemuva kokugxekwa ezinkundleni zokuxhumana

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

NgoNhlolanja, i-Scroll.Africa ishicilele udaba ngoJudy Moko Ndika, osanda kushada ogxekwe ezinkundleni zokuxhumana ngokunandisa egqoke izingubo zesintu njengomakoti (izingubo zomshado). 

Abantu ku-inthanethi bamqambe igama elithi “DJ Makoti” futhi bathi akufanele anandise ngemvunulo yomakoti.

Kodwa uJudy, ongu-DJ eGugulethu, eKapa uyabonga ngokugxekwa ngoba lokhu kumholele empumelelweni. 

Ngemva kokushicilelwa kodaba lwakhe, umsebenzi kaJudy waba ngcono kakhulu, wathola namagigi amaningi waphinde wabizwa ezinkampanini ezinkulu. 

“Igama lami lesiteji nginguLady J, kodwa manje sengizibiza noDJ Makoti ngenxa yezinkundla zokuxhumana. Ukugxekwa kwangenza ngaduma kakhulu,” kusho uJudy.

“Ngiyajabula ukuthi i-Scrolla.Africa ibhale ngami. Kusukela lapho, izinkampani ezinkulu ziye zasondela kithi, futhi abaculi bangicele ukuba ngibe kumavidiyo abo omculo.”

Ukugqoka izingubo zikamakoti ngenkathi enandisa kube ukukhuphuka kukaJudy. 

“Ngisagqoka izingubo njengomakoti mengokwenza umsebenzi wami, futhi ngicabanga ukuthi abantu sebeyajwayela manje,” kusho yena.

UJudy ufunde umculo eBridges for Music Academy futhi unelebuli yokuqopha ebizwa ngokuthi iGugs Native Records. 

Uhlangane nomyeni wakhe, uBantu Ndika, ngo-2016 emcimbini lapho ayengumdansi futhi engumculi. Bashade ngonyaka odlule futhi basebenza ndawonye kusukela lapho.

“Ukunandisa ngingqoke izingubo zomakoti akusho ukuthi angihloniphi isiko. Kubonisa ukuthi ngingaba makoti futhi ngenze engikuthandayo inqobo nje uma umyeni wami nemindeni yethu bengisekela,” kwenezela uJudy.

Esithombeni esingenhla: UJudy Moko Ndika, owaziwa ngelikaDJ Makoti, osebenza imvunulo yakhe kamakoti.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva