U-Akon usayine isivumelwano sokwakha idolobha lesibili

Arthur Greene

Leli dolobha lizobizwa nge-Akon City, e-Uganda, futhi kubukeka sengathi into umqondisi wezobuciko angayifisela ibhayisikobho ye-sci-fi.

Isihlabani somculo we-RNB esidabuka e-Senegal kodwa esizinze eMelika u-Akon, usayine isivumelwano nohulumeni wase-Uganda wokwakha leli dolobha, elizophothulwa ngonyaka we-2036.

I-Akon City, e-Uganda, yidolobha lesibili lo mculi asesayine isivumelwane salo sokwakha ezwenikazi lase-Afrika ngemuva kokuvuma izinhlelo zokwakhiwa kwedolobha – elibizwa ngokuthi i-Akon City – kanye nohulumeni wase-Senegal ngowe-2018.

U-Akon, ogama lakhe langempela ngu-Aliaune Thiam, wamemezela ngonyaka odlule ukuthi uyaqhubeka nezinhlelo zokwakha idolobha lase-Senegal, nokuthi ubeke itshe lokuqala ledolobha lase-Mbodiène, isigodi esisogwini olungamakhilomitha angama-62 ukusuka enhlokodolobha i-Dakar .

Njengamadolobha angodadewabo, i-Akon City, e-Uganda izosebenza nge-Akoin cryptocurrency.

Kodwa-ke, u-Akon, ogama lakhe langempela ngu-Aliaune Thiam, akakwazi ukudalula ukuthi idolobha lizoxhaswa kanjani, yize i-Akon City, ese-Senegal kubikwa ukuthi yabiza u- $ 6 billion (izigidigidi ezingama-R88).

Engxoxweni yokuthi idolobha lase-Uganda lizoxhaswa kanjani ngezimali, u-Akon uthe: “Lokho akubalulekile. Imali ikhona yonke indawo, futhi nginamandla okuhlanganisa izinsiza”.

Uhulumeni wase-Uganda wabele umhlaba oyisikwele sekhilomitha okuzokwakhiwa phezu kwawo. Idolobha kungenzeka lilandele uhlelo olubekwe e-Senegal olubandakanya indawo yase-Hamptons Hospital, i-Hamptons Mall, isikole sendawo, umnyango wabo wamaphoyisa, insizakalo yabo yokuphathwa kwemfucuza kanye namapaki, izinkundla zezemidlalo nezinye izindawo zokungcebeleka.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe umuntu wase-Uganda ojwayelekile uzokwazi yini ukukhokhela lezi zinsiza, u-Akon uthe ukuthuthukiswa kwemali ye-crypto kuzolethela izwe amathuba adingeka kakhulu futhi kuvumele abantu base-Uganda ukuthi bazitshalele imali bona uqobo.

“Ngiyazi uma sikwenza lokho, bazothola indlela yokuyithenga ngoba izobakhuthaza,” kusho u-Akon.

Isithombe: @Akon

Izihloko zakamuva