U-Aguero ubheka ikusasa njengoba iCity isondela ukunqoba isicoco se-EPL

Menzi Magubane

IManchester City iyasondele ukunqoba isicoco sayo sesithathu se-English Premier League kumasizini amane ngemuva kokushaya iFulham ngamathathu eqandeni ngoMgqibelo.

ICity idinga ukuwina eminye imidlalo emihlanu emidlalweni eyisishiyagalombili esele ukuze iqinisekise ukunqoba isicoco.

Umdlalo ungenelwe yigoli likaSergio Aguero odlale imizuzu engama-90 washaya igoli lakhe lokuqala esikhathini esingaphezu konyaka.

U-Aguero ubengadlali ngoba ubelimele kanti waphinde wathola ne-coronavirus. NgoMgqibelo bekungukuqala kwakhe kwesine kule sizini.

Ngesikhathi lo mgadli elangazelela ukuveza ukuthi azikho izinqumo ngekusasa lakhe ezithathiwe, kungenzeka ukuthi ubedlala isizini yakhe yokugcina kuleli qembu njengoba inkontileka yakhe izophela ngoNhlangulana.

Kungenzeka ayodlalela iBarcelona kodwa uyakuphika lokhu.

“Bonke babhala ukuthi iBarca, iBarca, iBarca. Ake sime kancane, sibheke. Ngisadlalela iCity,” kusho u-Aguero ekhasini lakhe le-Twitter.

Kulindeleke ukuthi abe ngudaba mlonyeni e-Etihad Stadium ngemuva kokudlula kahle kwakhe kanye nerekhodi lamagoli asewashayile.

Ujoyine iCity esuka ku-Atletico Madrid ngowe-2011. Ngesizini yakhe yokuqala washaya into ecokeme ngesikhathi bebhekene neQPR ukuvikela isicoco sokuqala seCity se-Premier League.

Kusukela lapho sebethole imqhele emithathu, kanye nezindebe ezinhlanu zeLigi kanye nokunqoba kwe-FA Cup. U-Aguero udlale imidlalo engama-382 kuyo yonke imincintiswano futhi washaya amagoli angama-256.

Eminye imiphumela ye-EPL

Everton 1-2 Burnley; Leeds United 0-0 Chelsea; Crystal Palace 1-0 West Brom; Newcastle United 1-1 Aston Villa.

Arsenal 2-1 Tottenham Hotspur; Leicester City 5-0 Sheffield United; Southampton 1-2 Brighton

Izihloko zakamuva