U-Ace ukhwele wadilika kubashushisi bombuso

Everson Luhanga

U-Ace Magashule wethule eyakhe indlela yokuhlasela uhlelo lwezobulungiswa.

UMagashule obekulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngoLwesihlanu uthe, uzofuna ukuthi icala lakhe lisuswe ohlwini uma umshushisi woMbuso engeke akwazi ukumnikeza iphepha elinamarekhodi amacala akhe.

“Kuze kube namuhlanje, angiwazi amacala engibekwe wona,” etshela abakwa-Scrolla.Africa.

“Ngokwazi kwami, ayikho imali ekhokhwayo ebizwa ngokuthi eyephutha.”

Uthe, “lokhu kokubekwa icala manje, bese lishushiswa ngokuhamba kwesikhathi” indlela yokusebenza yoKlebe kanye neSiphathimandla Sezokushushisa Kuzwelonke angeke ivunyelwe ukuqhubeka.

“Njengezakhamuzi, kumele sikhulume siphikisane nalokhu ngoba uma singenzi njalo isimo sizohlala sinjalo,” kusho u-Ace.

Ukuvela enkantolo kukaMagashule kuza ngesikhathi lapho elwela ukuhlenga isikhundla sakhe esinamandla sokuba nguNobhala-Jikelele we-ANC.

Uhlaselwe ngempelasonto ngemuva kokuthi ikomidi eliphezulu le-ANC livumile ukuthi abaholi ababhekene namacala kumele baphumele eceleni kuze kube kusulwa amacala.

I-NEC inikeze amagatsha eqembu izinsuku ezingama-30 ukuthi aphothule imihlahlandlela ngaphambi kokuthi le nqubomgomo isetshenziswe ngokusemthethweni.

UMagashule uthe, wudaba lwangaphakathi lwe-ANC kodwa wathi: “Angikhathazekile ngoba ngiyazi ukuthi ngimsulwa.”

Ebuzwa ngamaqembu amancane phakathi kwi-ANC uthe, uhola i-ANC eyodwa ebinomengameli oyedwa.

UMagashule, indoda enamandla eyeseka uZuma, bekukholakala ukuthi wayehola iqembu elaliphikisana noMengameli uCyril Ramaphosa ngaphakathi ku-ANC.

Evela okokuqala enkantolo ngoLwezi, abalandeli bakhe ngaphandle kwenkantolo babevele bembiza njengomuntu ozongenela ukhetho lobumengameli engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ngonyaka ozayo.

UMagashule uphume ngebheyili yezi-R200,000 ngamacala angama-21 enkohlakalo nokukhwabanisa, noma awokweba nokushushumbisa imali. Lokhu kuvela kwithenda yezigidi ezingama-R255 ye-asbestos eyakhishwa ngesikhathi esenguNdunankulu wase-Free State.

Umthombo wesithombe: @TimesLIVE

Izihloko zakamuva