Thola ivawusha ka-R10 ngokuvula i-akhawunti yakwa-Shoprite

I-Scrolla.Africa sibambisene no-Shoprite ukuze abafundi bethu bokuqala abangu-1 000 bathole ivawusha ka-R10 uma bebhalisa.

Ungathini uma kungathiwa kukhona i-akhawunti yasebhange yamahhala engenazo izimali ezikhokhwa nyanga zonke futhi ayikho imali ekhokhwayo uma uthumela imali ngaphandle noma uyikhipha? 

Yilokhu abakwa-Shoprite abakunikezayo nge-akhawunti yabo ye-Money Market okuyi-akhawunti yasebhange eshibhile kunawo wonke kuleli. 

Le akhawunti inika amakhasimende asebhange angaphezu kuka-1 million nangenalo ibhange ukufinyelela ekukhipheni imali nasekuthumeleni. 

Amakhasimende akwa-Shoprite asohlelweni lwemiklomelo ye-Xtra Savings angaxhumanisa ikhadi lomvuzo ne-akhawunti yawo.

Bangakwazi ukulisebenzisa njengekhadi lasebhange uma bethenga ezitolo zakwa-Shoprite nakwa-Checkers ngokufaka inombolo yephini eyimfihlo. 

I-Akhawunti ye-Money Market ivumela amakhasimende ukuthi eqe olayini abade kanye nezindleko eziphezulu zokuthengiselana kuma-ATM ngokufaka nokukhipha ukheshi nganoma isiphi isikhathi ezitolo zakwa-Shoprite, kwa-Checkers nase-Usave emhlabeni wonke.

Ngaphandle kokukhipha imali, amakhasimende angathumela imali, athenge i-artime, idatha, ugesi, athumele amavawusha, akhokhe izikweletu futhi akhokhele igilosa komakhalekhukhwini babo. Konke lokhu ngaphandle kwemali ekhokhwayo.

Lokhu kufinyelela kuzo zombili izakhamuzi zakuleli kanye nabasemazweni angaphandle abahlala kuleli. Yize kuvumeleke kubantu abayizikhamuzi zakuleli ukuvula le-akhawunti yemali, wonke umuntu angaba ne-akhawunti yevawusha. Ungenza yonke into nge-akhawunti yevawusha ngaphandle kokuthumela, ukuthola noma ukukhipha ukheshi.

Ngokungafani nama-akhawunti amaningi asebhange awekho ama-debit order noma izimali ezibanjwayo ngakho amakhasimende alawula ngokugcwele imali yawo.

Le akhawunti yasebhange inikeza:

• Ukugcina imali yakho ngezindleko eziphansi ngaphandle kwezimali ezingafuneki (ayikho imali ekhokhwa zinyanga zonke, ayikho imali ekhokhwayo noma wenza ini; kodwa kuthathwa u-R5 nje kuphela uma ukhiphe imali. 

• Kulula futhi kucacile njengoba zingekho izinto ezibukhuni ezigcwaliswayo yonke into idijithali. 

• Kusetshenziswa amahora asesitolo hhayi amahora asebhange kanti kusetshenzwa izinsuku eziyisikhombisa ngesonto.

• Idiphozithi yamahhala kunoma iyiphi ithili. 

I-akhawunti ingatholakala kunoma imuphi umakhalekhukhwini nge-App yakwa-Shoprite, i-USSD (*120*3534#), WhatsApp (0872405709) noma ngekhadi le-Xtra Savings.

I-Scrolla.Africa ibambisene no-Shoprite ukuze abafundi bokuqala abangu-1 000 abasayinela i-Akhawunti ye-Money Market bathole amavawusha ka-R10 alayishwe kwi-akhawunti yabo. Sebenzisa ikhodi ethi: scrolla ukuze uvule i-akhawunti yakho ye-Money Market noma uvakashele iwebhusayithi ye-Money Market.

Izihloko zakamuva