“Sizilile, sibuhlungu” – iNdlunkulu kaZulu

Ushaqekile umndeni weSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini KaBhekuzulu ngemuva kokwedlula emhlabeni kwezinyane leSilo sakwaZulu kulokho okubonakala kuwukuphanga emzini wayo eGoli.

Umfowabo weSilo, iNkosana uMbonisi Zulu uthe umndeni uyehluleka ukwenza umqondo kolokhu kubulawa okungenangqondo kweNkosana uLethukuthula Zulu.

Ngenkathi abakwa-Scrolla.Africa bekhuluma neNkosana uMbonisi ngeSonto ntambama wayezibamba ekhuluma ngosizi lweNdlunkulu yakwaZulu kanye nobugebengu obudlangile eNingizimu Afrika.

“Ngeke sisho okuningi ngendlela ashone ngayo. Konke manje sekusezandleni zamaphoyisa,” uyasho.

Uthe umndeni uzokwenza isitatimende esisemthethweni ngoMsombuluko ntambama uma sewuthole imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.

“Engingakusho ukuthi sizilile. Sibuhlungu. Akwehli kahle kuthina ukuthi ushone ngaphansi kwalezi zimo, ”kusho iNkosana uMbonisi.

INkosana uMbonisi uthe iNdlunkulu yakwaZulu izovumela izingalo zombuso ezahlukene ukuthi zisingathe okubukeka njengokubulala.

Ngenkathi ebuzwa ukuthi ngabe iNkosana engasekho, njengoba eyizinyane lokuqala yonkosikazi wokuqala, iNdlovukazi uSibongile MaDlamini, owayezolandela esikhundleni seSilo uZwelithini njengomholi wesizwe samaZulu, iNkosana uMbonisi uthe:

“Kwamanye amasiko kuba njalo. Kuthina akubekiwe ukuthi izinyane lokuqala lizobusa. Lutho neze. Kodwa lokhu akubunciphisi ubuhlungu nomuzwa wokulahlekelwa esikuzwayo.”

UNdunankulu waKwaZulu-Natali, uSihle Zikalala, udlulise amazwi enduduzo kwiSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini nasemndenini wonke weNdlunkulu.

“Izinhliziyo zethu ziphukile. Siphatheke kabi kakhulu ngale nhlekelele esehlele iNdlunkulu yethu,” kusho uZikalala.

“Kube unyaka onzima kakhulu. Esikhathini esingengakanani esedlule iNdlunkulu yakhihla isililo ngokwedlula emhlabeni, iNdlovukazi uNoloyiso Zulu, kanti nathi sisanda kulila ngokwedlula emhlabeni koMtwana waseZibindini. Namuhla kuphanyekwe elinye ifu elimnyama phezu komndeni wethu waseBukhosini. ”

Izihloko zakamuva