Sibafisela inhlahla bonke abafundi bakamatikuletsheni

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Ngesikhathi abafundi bakamatikuletsheni  sebezobhala iphepha lokuqala lezivivinyo zabo esikoleni samabanga aphezulu i-Nellmapius e-Tshwane ngoMsombuluko bavakashelwe osopolitiki abathathu abebezobafisela izilokotho ezinhle.

UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga, uNdunankulu waseGoli uPanyaza Lesufi kanye noNgqongqoshe wezeMfundo uMatome Chiloane bafike kusasele amahora ngaphambi kokuthi kuqale izivivinyo – iPhepha lokuQala le-English.

ULesufi utshele abafundi bakamatikuletsheni abangu-357 ukuthi banenebule ezivivinyo zabo njengalokho iKaizer Chiefs ekwenze kwi-Orlando Pirates.

Abafundi bakamatikuletsheni ezweni lonke baqale ukubhala izivivinyo zabo zokugcina zonyaka ngoMsombuluko ekuseni, nakuba bembalwa abahanjelwe abantu abaseqophelweni eliphezulu.

Abafundi baqale ukubhala izivivinyo ze-National Senior Certificate (NSC) kusukela ngomhlaka-31 kuMfumfu kuya kumhla ziyisikhombisa kuZibandlela kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye.

“Siyanihalalisela ngokuphumelela ukuthi nize nifike lapha enikhona manje. Ababaningi abafundi abafika onyakeni wabo wokugcina esikoleni samabanga aphezulu. Lezi zivivinyo zizocacisa ikusasa lenu,” kusho uLesufi.

UMotshekga weluleke abafundi ukuthi basebenze ngokuzikhandla, bazidele futhi bahlale bekhuthele. Uthe abafundi bachazelwe ngayo yonke imithetho nemithethonqubo ephathelene nezivivinyo kanye nemiphumela, uma bethinteka ekuziphatheni okungalungile.

“Senze umzamo omkhulu wokuqinisekisa ukuthi izivivinyo zibakhona ngaphandle kokuphazamiseka. I-DBE iqinise ezokuphepha kuwo wonke amaphuzu ohlwini lwamaphepha emibuzo, ngokusekelwe ekubuyekezeni okuqhubekayo kwazo zonke izinhlelo zokuhlolwa,” kusho uMotshekga.

Bangaphezu kuka-920,000 abafundi kuzwelonke ababhale iPhepha lokuQala le-English.

Umfundi kamatikuletsheni uJunior Moremi uthe nakuba ezizwa enovalo kodwa uyazethemba ukuthi uzokwenza kahle ngoba usebenze kanzima elungiselela izivivinyo. Uthe ukuvakasha kukaNgqongqoshe kubakhuthaze kakhulu.

“Ngikubheke ngabomvu ukushiya esikoleni samabanga aphezulu ngiqhubeke nemfundo ephakeme,” esho.

Esithombeni esingenhla: Abafundi bakamatikuletsheni esikoleni samabanga aphezulu i-Nellmapius

Umthombo Wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva