
Menzi Magubane
Abezindaba babize abadlali base-Ghana njengeqembu elidlala kabi kunawo wonke kuleliyazwe kulandela ukuphuma kwe-Black Stars kweye-Afcon ngoLwesibili ebusuku.
Selokhu i-Ghana yaqala ukubonakala kulo mqhudelwano ngo-1963, ibihlezi iwina umdlalo owodwa emidlalweni yamaqoqo. Kodwa-ke sebeliphulile leli rekhodi eselime iminyaka engu-58 emidlalweni yabo engu-23.
Leli qembu, eliholwa ngukaputeni u-Andre Ayew, lithole iphuzu elilodwa kuphela ngemuva kokuhlulwa imidlalo emibili ladlala ngokulingana umdlalo owodwa. Baqale ngokuhlulwa yi-Morocco ngo 1-0 ngaphambi kokubambana ngo 1-1 ne-Gabon emdlalweni wabo wesibili.
Umqhudelwano wabo ongemuhle uye waba mubi kakhulu ngemuva kokuba behlulwe emdlalweni wabo wokugcina ngo 3-2 bedlala ne-Comoros okuholele ekutheni babe emsileni ku-Group C. Badlale beyishumi enkundleni imizuzu engu-65 ngemuva kokuthi u-Andre Ayew ekhishwe ngekhadi elibomvu.
I-Ghana yaphuma kabi kakhulu emqhudelwaneni owawuse-Ivory Coast ngo-1984, lapho eyaphuma khona ngemuva kokuhlulwa kabili nokuwina kanye.
E-Burkina Faso ngo-1998, i-Black Stars yenza okufanayo yaphinde yaphuma kulo mqhudelwano ngemuva kokunqoba umdlalo wodwa yahlulwa eminye emibili. Lokhu bakuphinda okwesithathu ngo-2006 e-Egypt.
Khonamanjalo, uNgqongqoshe Wentsha Nezemidlalo e-Ghana uMustapha Ussif uthukuthele uyaveva, futhi usebize izikhulu ze-FA yase-Ghana emhlanganweni ophuthumayo ohlelelwe uLwesihlanu.
I-FA kuzomele iphendule ngehlazo leqembu njengoba kulindeleke ukuthi kuxoshwe umqeqeshi uMilovan Rajevac.
Umthombo wesithombe: @GhanaOfficial