Sekuqubuke omunye umlilo ePhalamende eliseKapa

Arthur Greene

Sekuphinde kwaqubuka omunye umlilo ophahleni lwesakhiwo sasePhalamende eKapa ngemuva kokunqandwa komlilo izolo.

Amaphoyisa asevale imigwaqo eseduze kanti abezicishamlilo basazama ukucisha umlilo.

Okhulumela abezicishamlilo eDolobheni, uJermaine Carelse, uthe umlilo oqubuke ngeSonto usuphinde waqubuka futhi namhlanje ntambama, wacacisa ukuthi kungenzeka ukuthi mhlampe lo mlilo oqubuka manje musha.

“Abezicishamlilo bayakuqinisekisa ukuthi umlilo oqubuke ePhalamende usavutha namanje,” esho kwisitatimende.

“Isikhala esingaphansi kophahla lwesiShayamthetho Sikazwelonke siyasha. Njengamanje kunemishini yokucisha umlilo eyisithupha endaweni yesigameko, kanye nomshini abakwazi ukunyuka ngawo baye phezulu. Cishe bangu-34 abezicishamlilo abamatasa nokucisha umlilo.”

Uphiko oluphathelene nezicishamlilo eDolobheni laseKapa luveze ukuthi isimo esinomoya sivimbe abezicishamlilo ukuthi bangakwazi ukufinyelela ezitezi ezingaphezulu zebhilidi.

Isitatimende esikhishwe iPhalamende sithi kungenzeka ukuthi umlilo udalwe ukushisa okuphezulu kwezakhiwo ezishile.

“Ukuqubuka kabusha komlilo kulandela imininingwane yangaphambilini evela kwabezicishamlilo mayelana namazinga okushisa ayingozi emabhilidini okuqubuke kuwo umlilo,” kusho isitatimende.

Izinkomba zaphambilini bezikhombisa ukuthi izinto ezibalulekile ezigcinwe ebhilidini zisindile emlilweni wangeSonto, ngesikhathi kubika i-News24, kodwa akukacaci ukuthi zisengcupheni yini.

Umthombo wesithombe: @SABCNews

Izihloko zakamuva