Sekuqubuke impi phakathi kukaMaphorisa noMacG

Karabo Rammutla

UDJ Maphorisa usolwe kwi-podcast titan MacG ngokuba isithiyo sempumelelo yomculo wama-piano kanti lokho akuzange kuhlale kahle kuye. 

Ungene ku-Twitter ebuza uMacG ogama lakhe langempela uMacgyver Mukwevho ukuthi ikuphi inkinga njengoba emdelele kangaka.

UMacG owethula uhlelo olushisa izikhotha olubizwa nge-Podcast and Chill noSol Phenduka usole uMaphorisa ngokuba yisithiyo kulo mkhakha wama-piano. Ubekhuluma ku-podcast ngemuva kokukhipha i-EP yama-piano enesihloko esithi “I Put My Name On.”

Usole uMaphorisa ngokuvimba noma imuphi umculi wama-piano ofuna ukuzakhela igama noma kudlalwe izingoma zakhe emsakazweni uma engazange aqale athole imvume kuye.

UMacG uthe akamesabi uMaphorisa nemizamo yakhe yokuzama ukumisa impumelelo ye-EP yakhe.

Ngemuva kokungatholi mpendulo ku-MacG ku-Twitter uMaphorisa uye ku-Instagram okuyilapho esabise khona impi ngokumelene nomsakazi.

“Sizohlangana emagigini noMacG kuzomele achaze. Ayikakapheli lento kuzoba nempi futhi mina angidlali.”

UMaphorisa esebenzisa isisho sase-Afrika esithi “Yize izintaba zingasoze zahlangana kodwa ngenxa yethunzi lazo ziyahlangana”, uthe ekugcineni uzohlangana noMacG.

UMaphorisa ungusondonzima embonini yama-piano usevumbulule amakhono abaculi abafana noKabza de Small, uShasha nabanye abaningi.

Izingoma eziningi zama-piano kukhona uMaphorisa ecula kanti abanye baze bamncome ngokusungula uhlobo lomculo oludumile.

Isithombe esingenhla esika-MacG ekhuluma ngokuthi akamesabi uDJ Maphorisa

Umthombo: @MacGunleashed

Izihloko zakamuva