Sekuqalile ukwakhiwa kabusha kwezindawo ezicekelwe phansi impahla

Everson Luhanga

Njengoba ukuthula sekubuyela ngokuqinile ezindaweni ezinenkinga KwaZulu-Natali nase-Gauteng, kulandela izidubedube zesonto eledlule, abanye osomabhizinisi bazilungiselela ukubuyela emsebenzini yabo.

Abanikazi bamabhizinisi babonakale beletha izinto zokwakha ezintsha nemishini futhi sebeqalile ukwakha kabusha kulokhu abakuchaze njengokulahlekelwa okukhulu kunakho konke abake babhekana nakho.

U-Abdul Solomon uthe une-hardware nesitolo sokudla e-Alexandra iminyaka engaphezu kweyi-12 manje. “Amabhizinisi ami womabili aphangiwe asha angqongqa. Kubuhlungu lokhu,” kusho yena.

Ubuye wathi unabasebenzi basendaweni abayisishiyagalombili ebhizinisini lakhe, obekumele badedelwe. “Anginayo imali yokubakhokhela futhi angazi ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukubabuyisa.

“Ngilahlekelwe yikho konke, kodwa okuhamba phambili njengamanje ukuqinisekisa ukuthi sakha kabusha ibhizinisi lapho ngizosebenza khona nonkosikazi wami ngaphandle kokuhola,” kusho yena.

U-Abdul usanalo ithemba ezweni futhi ukholelwa ngokuqinile ukuthi labo ababhebhezela lezi zidubedube ezibize imali engaka kumele babekwe icala ngokucekela phansi impilo yabantu.

Uthe ukuba khona kwebutho nabanye abomthetho kubanikeza isibindi nethemba ekugcineni komhubhe omnyama.

UTshepo Ndlovu, ongomunye wabanikazi be-Pan Africa Pick n Pay, uthe kusekude kakhulu ukuthi kungakhulunywa ngokubuyela ebhizinisini, ngoba kudingeka ukwenziwa ukuhlolwa kuqala kanjalo nokwakhiwa kabusha kwengqalasizinda elimele.

“Ngaphansi kwalezi zimo, senza konke okusemandleni ukubuyela ebhizinisini,” esho.

Omunye umnikazi webhizinisi, uJack February, obephethe ibhusha kule nxanxathela yezitolo, uthe ukube abaphangi abalishisanga leli bhilidi, ubezoqala maduze ngemuva kokuphela komsebenzi we-mop up. Inkinga ukuthi baphangile futhi bashisa.

“Ngiyazi ukuthi sizobuya sinethemba lokuthi izinxushunxushu ezinje ngeke ziphindwe,” kusho yena.

Khonamanjalo, sekutshalwe amasosha amaningi e-Alexandra. Kufike indiza e-Alex Mall ngoLwesihlanu ilethe abesilisa nabesifazane abangamasosha elokishini.

Enxanxatheleni yezitolo, bekukhona iloli elihlome ngezikhali namasosha ambalwa ebezulazula phakathi nedolobha ukuqinisekisa ukuthi lonke lihlala linokuthula.

Izihloko zakamuva