Sekuqalile ukugonywa kothisha kwelakuleli

Everson Luhanga

Bekuyisikhathi sosizi nesikhathi senjabulo, kothisha nabasebenzi emkhakheni wezemfundo njengoba beqale ukugoma.

Kwabanye, bekuyisikhathi abebesilindile.

UMnyango wezeMfundo e-Gauteng uqale umkhankaso wokugoma labo abasemkhakheni ngoLwesithathu ekuseni.

UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uPanyaza Lesufi ugome ngoLwesithathu ehholo lomphakathi lase-Tembisa Rabasotho kanye nothisha abaningi abebejabule.

Ekhuluma nabezindaba, uLesufi uthe yize ukugoma kungaphoqelekile, kubalulekile ukuthi othisha bagonywe.

“Sifuna ukucela bonke othisha bethu nabasebenzi ukuthi basebenzise leli thuba ukuze kuvikeleke wonke umkhakha.

“Sihlanganise wonke umuntu osemkhakheni wezemfundo ukuthi agonywe,” esho.

Uthisha uKhutso Tabane uthole ugomile futhi wathi yize bekuthusa ekuqaleni, uyajabula ukuthi isikhathi sesifikile ekugcineni.

U-Ella Mokgalane, oyi-CEO yoMkhandlu Wothisha waseNingizimu Afrika uthe uhulumeni ufuna ukugoma abantu abayi-450 000 ezweni lonke ezikoleni ezizimele nezikahulumeni ezinsukwini eziyishumi ezizayo.

U-Ella uthe ukuvalwa kwezikole akudingeki njengoba ikhalenda lesikole selivele libheke emaholidini. “Okusemqoka njengamanje, ukuqinisekisa ukuthi indawo yokufunda iphephile ekufundeni nasekufundiseni,” kusho yena.

Izihloko zakamuva