Sekuphinde kwabulawa enye induna esifundazweni saseZululand

Lungani Zungu

Ukubulawa kwenduna uMfanuyele Mdletshe ngoLwesibili sekwenze kwaphinde kwanyuka isibalo sokubulawa kwezinduna saba ngama-32 kwisifunda saseZululand kusukela ngowezi-2019.

UMdletshe obeneminyaka engama-47 obehlala kwisifunda saseZululand udutshulwe ekhaya lakhe kwaNongoma phambi konkosikazi wakhe edutshulwa abantu abangaziwa.

“Sicabanga izinto eziningi njengokuthi yini eyenze ukuthi bamubulale” kusho ubhuti wakhe uMusawenkosi.

“Asikukhiphi emqondweni ukuthi kungenzeka ukuthi bebethunyelwe ukuba babulale yena yedwa”.

Uthe umndeni uzodedela amaphoyisa ukuba enze umsebenzi wawo.

“Siyathemba ukuthi ababulali bakhe bazoboshwa kungekudala. Ukubabona beboshiwe kuzoletha ukuthula nokwamukela emndenini wethu” kusho uMusawenkosi.

UMdletshe ubehleli nonkosikazi wakhe bebuka umabonakude ngehora lesithupha ntambama ngesikhathi ezwa kukhona ongqongqozayo emyango. Ngesikhathi evula umyango abahlaseli abangaziwa bavulele ngenhlamvu bamubulala.

Induna uFalendoda Malinga, ongunobhala weqembu elibizwa ngokuthi “Ubumbano lweziNduna”, uthe iKwaZulu-Natali isiphenduke indawo lapho kuchitheka khona igazi lezinduna.

Uthe ukuqhudelana ngezikhundla zokuba induna sekudale ukuthi abantu baqale babulalane.

Uthe induna uMdletshe ubekhuluma kuzwakale ubengasabi ukuma esidlangalaleni elwa nabenza okungalungile.

Uthe ukubulawa kukaMdletshe kuyathusa ngoba kuza ngemuva kokuba abike inkosi esingeke siyidalule igama layo, uyibike kumkhandlu wendabuko ngokuthi ayiziphathi kahle izinduna ezingaphansi kobuholi bakhe.

Unxenxe amaphoyisa esifundazwe saKwaZulu-Natali ukuba balibheke ngeso lokhozi lolu daba lokubulawa kwezinduna esifundazweni.

“Kumele basebenze ngokuzikhandla emacaleni okubulawa kwezinduna njengoba benza kumacala okubulawa kosopolitiki”.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukubulawa kwenduna aphinde athi asaphenya.

Akekho obesaboshiwe.

Izihloko zakamuva