Sekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba ukucekelwa phansi kwamabhilidi ahlonishwayo

Kamogelo Muvhenzhe

Kuboshwe owesilisa ngemuva kokuphihliza amawindi nezicabha zengilazi eNkantolo yoMthethosisekelo e-Braamfontein, eGoli, ngoLwesithathu ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa adubule inhlamvu yesixwayiso ngemuva kokuthi umsolwa aqhubeke nokuphihliza amawindi nakuba esetsheliwe ukuthi ayeke.

UNetshiunda ukuqinisekisile ukuthi umsolwa oneminyaka engu-36, uphihlize amawindi esebenzisa isando.

Lesi sigameko senzeke nje ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kushiswe ibhilidi lePhalamende eKapa, okusolwa ukuthi lishiswe uZandile Mafe oboshiwe.

I-Judges Matter, iphrojekthi ezimele yokuqapha ukuqashwa kwamajaji, ithe esitatimendeni lokhu kuyakhathaza nakuba kungakacaci okwamanje ukuthi lokhu kuhlobene yini nokukhishwa kombiko weKhomishini kaZondo yokulawulwa kombuso.

“Lokhu kuhlaselwa kwebhilidi leNkantolo YoMthethosisekelo sikubona njengophawu lokudelela ezobulungiswa kanye nomthethosisekelo wentando yeningi. Sicela abomthetho basukume ngokushesha ukuze baphenye, babophe futhi bashushise labo abenze icala,” kusho isitatimende.

Umsolwa ubekwe icala lokucekela phansi impahla kanti uzovela enkantolo maduze.

Izihloko zakamuva