Sekuphele izinyanga abe-Platinum City Rovers bengaholi

Menzi Magubane

I-Platinum City Rovers ikhushulelwe kwi-GladAfrica Championship isuka kwi-ABC Motsepe League ngaphambi kokuthi kuqale isizini kodwa sekuphele izinyanga ezimbili leli qembu lingabakhokheli abadlali.

I-South African Football Players Union (SAFPU) ithi iyasazi lesi simo.

UMengameli we-SAFPU uThulaganyo Gaoshubelwe uthe “Sinawo amaphepha etafuleni lethu, kodwa sisazowahlola. Sizokwenza isitatimende esifanele ngesikhathi esifanele.

Ngokusho kwe-Laduma, abangaphakathi eqenjini le-Rovers bathi abadlali abagculisekile ngoba abazange bahole ngoZibandlela, futhi basalinde imiholo yabo yangoMasingana.

“Siyahlupheka. Bathembise ukusikhokhela ngomhlaka-24 kuZibandlela. Umphathi weqembu lethu ubelokhu ethembisa kodwa akuyena osikhokhelayo. Kunzima impela,” kusho umthombo utshela iSiya crew.

“Abadlali abezi ukuzozilolonga. Abanye baboleka imali. Besicabanga ukuthi izinto zizoshintsha uma sikhuphukela kwi-GladAfrica Championship, kodwa izinto ziye zaba zimbi kakhulu.”

Yize beqale isizini ngesivinini, leli qembu elizinze eGoli selizithola lisendaweni yesishiyagalolunye.

Kunamahlebezi okuthi iqembu lizodedela abadlali abathile ukuze lehlise izindleko, kusho umthombo.

Kodwa uma bededela abadlali bazokwenzenjani ngamaholo angakakhokhwa?

I-Rovers izobuyela emdlalweni ngomhlaka-12 kuNhlolanja uma isidudulana ne-Sekhukhune United emzuliswaneni wamaqembu angu-32 we-Nedbank Cup.

Umthombo wesithombe: @PlatinumCityRovers

Izihloko zakamuva