Sekunomkhuba omusha e-Malawi wabantu abenza ucansi ezimotweni

Everson Luhanga

Uma uhamba edolobheni lezohwebo lase-Malawi e-Blantyre bese ubona imoto enyakazayo, qhubekela phambili nohambo lwakho futhi ungabheki ngaphakathi.

Amaphoyisa ase-Malawi athi amacala ocansi ezimotweni aya ngokwanda e-Blantyre.

Baxwayisa ngokuthi ucansi ezimotweni aluvumelekile e-Malawi futhi otholakala enza ucansi emotweni uzoboshwa.

Abomthetho bakhiphe lesi sexwayiso ngemuva kokubhalisa isibalo esishaqisayo samacala ocansi olwenziwa ezimotweni endaweni yase-Blantyre emasontweni amabili edlule.

Ngokusho kwabomthetho, la macala athinta kakhulu abesilisa nabadayisa ngomzimba ngase-Kameza e-Blantyre.

“Esikhundleni sokuthi abantu baye ezindaweni zokulala abantu bazijabulisa nabadayisa ngomzimba ezimotweni. Qaphela ukuthi lokhu akukho emthethweni.

“Noma ngubani ozotholakala uzoboshwa,” kusho isikhulu sesiteshi samaphoyisa e-Chileka uJames Mbale etshela abezindaba zendawo.

UMbale wengeze ngokuthi babhalise amacala lapho abesilisa bephucwe impahla ebalulekile ngesikhathi beya ocansini nabesifazane ezimotweni zabo ngezikhathi ezingajwayelekile.

Ezinye zezinto ezintshontshelwe abantu abanjalo emasontweni amabili edlule kubalwa izimoto, ama-laptop kanye nomakhalekhukhwini.

Abanye abantu base-Malawi bakholelwa ukuthi lesi senzo sibonisa ukuphela kwezikhathi njengoba kwaprofethwa eBhayibhelini emakhulwini eminyaka adlule.

Umfundisi u-Andrew Tembo we-Seventh Day Adventist uthe ucansi olwenzelwa ezimotweni aluhambisani neBhayibheli futhi i-Malawi idinga ukuthandazela izono zayo.

Khonamanjalo, kuze kube yimanje amaphoyisa asethole izimoto ezimbili ezebiwe kubantu besilisa bezitika ngocansi nabesifazane. Kuboshwe abasolwa ababili mayelana nalezi zenzo zobugebengu.

Umbuzo owodwa nje kuphela uthi: babaleke kanjani nezimoto ngenkathi kwenziwa lezi zenzo ngaphakathi kuzo?

Izihloko zakamuva