Sekudaleke olunye uqhekeko eNdlunkulu

Celani Sikhakhane

Umcimbi wokuhlanjululwa kwezikhali zeSilo samaBandla uZwelithini kaBhekuzulu osakhothama usudale olunye uqhekeko ebukhosini.

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini kuthiwa ithumele incwadi kuMengameli uCyril Ramaphosa emazisa ngalo mcimbi athe uzoba kule mpelasonto.

Olunye uhlangothi luphinde lwathumela uMengameli incwadi ngalo mcimbi kodwa inezinsuku ezihlukene nendawo ehlukile.

Incwadi kaMisuzulu iveze ukuthi umcimbi wenzeka kule mpelasonto ezayo ngomhlaka-25 kanye nomhlaka-26 kuNhlangulana esigodlweni saKwaKhangelamankengana.

Incwadi ethunyelwe nguMntwana uMbonisi Zulu waseKhwezi noMntwana uThokozani kaBhekuzulu ikhomba ukuthi umcimbi uzoba ngoNtulikazi esigodlweni saKwaKhethomthandayo.

UMntwana kaPhindangene uMangosuthu Buthelezi usephumele obala wathi umcimbi osemthethweni iwona ozoba seNdlunkulu KwaKhangelamankengana kanti uzoholwa iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini. 

Ube esesola uMntwana uMbonisi noThokozani ngokudida isizwe samaZulu noNdlunkulu ngokumemezela izinsuku ezahlukene.

“Akukaze kwenzeke ukuthi amalungu omndeni angekho emthethweni enze izimemezelo ngosiko olubaluleke kangaka esikhundleni seSilo esibusayo.

“ISilo samaBandla uZwelithini kaBhekuzulu esesakhothama asikaze sibhekane nesibhicongo esifana nalesi esibhekene neSilo uMisuzulu,” kusho uButhelezi.

Uthe akumele abantu badideke ngalo mcimbi ngoba uzoba KwaKhangelamankengana ngeSonto ngemuva kohlelo lokuzingela oluzohanjelwa iSilo uMisuzulu nabasondelene naye ngoMgqibelo.

Uthe ukuzingelwa kwengwe kuzokwenziwa esiqiwini esingakadalulwa.

Ngokwesintu iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini kuthiwa uzozingela ingwe ayibambe iphila ngemuva kwalokho ayibulale ukuze agqoke isikhumba sayo.

Uzonikezwa nezikhali zikayise osakhothama okuhlanganisa ihawu nezinye izinto zesintu, kodwa ziyohlanjululwa ngaphambi kokuthi zinikezwe yena njengeSilo.

Izihloko zakamuva