Abantu abaningi base-Ukraine baphendukele ku-OnlyFans ukuze baziphilise. Lokhu kuza nengozi yokubhadla ejele ngoba akukho emthethweni ukwenza nokudayisa ama-video ocansi kuleliyazwe.
I-OnlyFans okuyinkundla evumela abantu abadala kuphela isiphenduke indlela yokuziphilisa yabantu abazabalaza ukuziphilisa kule nkinga yezomnotho.
Bheka uDarina Lebedeva (18) olahlekelwe umsebenzi wakhe wokuthengisa – usephendukele ekwenzeni amavidiyo ocansi ku-OnlyFans ukuze athole imali.
Ekuqaleni uLebedeva ubengabaza kodwa uye wabhekana nezimo ezinzima wase enquma ukwenza lokhu.
Naphezu kwesimo esingekho emthethweni sokukhiqiza izithombe zocansi e-Ukraine, uye waba nomuzwa wokuthi akusilo icala ukwenza lokhu. Akakaze abone muntu eboshwa ngokuthumela izithombe noma amavidiyo ocansi.
Intshisekelo yokwenza amavidiyo ocansi e-Ukraine isisabalale emhlabeni jikelele njengoba amazwe afana ne-Spain kanye ne-Poland ebonakala ebheka kakhulu okuqukethwe kocansi kwase-Ukraine ku-inthanethi.
Lesi sidingo esikhulayo sikhuthaze abafaka izithombe zocansi noma abenza amavidiyo ocansi e-Ukraine ukuthi bahlinzekele imakethe ngalokhu.
KuLebedeva isinqumo sakhe sokusebenza nenkampani yabaphathi nokukhulisa akufaka ku-OnlyFans kube nemiphumela emihle.
Manje usehola cishe u-$4,500 (R82,000) ngenyanga nokuyimali eningi uma kubhekwa iholo eliphansi kuleliyazwe.
Nakuba ukukhiqizwa kwezithombe zocansi kusalokhu kungekho emthethweni izinzuzo zezomnotho ezilethwayo okuhlanganisa nemali yentela zingase ziholele ekutheni ezinye izikhulu zase-Ukraine zikushaye indiva lokhu.
Akubona kuphela abantu besifazane abasebasha kodwa nabantu abadala base-Ukraine baphendukele ku-OnlyFans njengendlela yokuthola imali.
Isimo sempilo esingalindelekile e-Ukraine phakathi nempi siholele ekutheni abantu abaningi basebenzise amathuba okwenza imali noma ngabe kusho ukwephula umthetho.
Kwabaningi kusho ukuthi bengakwazi ukuzondla kanye nemindeni yabo.
Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff
Esithombeni esingenhla: I-OnlyFans