Izindaba Scrolla

UDuduzane ufuna intsha ingene ezikhundleni 

UDuduzane Zuma usekhwele wadilika entsheni ye-ANC ngokunxusa uyise uMnu Jacob Zuma noNkosazana Dlamini-Zuma ukuthi bangenele izikhundla zobuholi.

Umsubathi owayengumsakazi uhlulekile ukuvikela isicoco sakhe 

Owayengumsakazi wezindaba emsakazweni kanye nomsubathi uFreddy Rikhotso (70) wehlulekile ukuvikela isicoco sakhe sika-200m kuma-National Golden Games ngoLwesithathu.

Ubunuku nokunganakekelwa kwehlisa izinga lolwandle lwaseThekwini 

Indawo yaseThekwini iyindawo enhle yezivakashi uma zifuna ukushawa umoya opholile kodwa kulokhu kubukeka sengathi izivakashi zizohlangabezana nokunuka kwendle, kubhala uLungani Zungu.

Ngeke simfake emphandwini wezilwane ezesabekayo uRamaphosa: Mantashe 

UNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi naMandla uGwede Mantashe uyalele wonke amalungu e-ANC angu-230 ePhalamende ukuthi avotele ukungemukelwa kombiko we-Phala Phala kungenjalo azobhekana nolaka lweqembu.

Kuthungathwa owesifazane ontshontshe usana

Usana olunezinyanga ezinhlanu ubudala u-Ivakele Yeko luntshontshwe ngemuva kokuthi olugadayo elishiye nowesifazane ongaziwa ngesikhathi eyothenga ukudla ngoMsombuluko.

Imeya isolwa ngokuyalela izikhulu zintshontshe imali kamasipala

IMeya exoshiwe kuMasipala waseMajuba e-Newcastle uVuselwa Bam isolwa ngokuhlukumeza abaphathi eyababophela ogodweni yathi abantshontshe uR2 million womkhandlu ukuze yakhe umuzi wayo. UBam ubephethwe umasipala olawulwa yi-IFP ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngoLwezi nyakenye.

Ivele enkantolo intatheli esolwa ngokuhlukumeza amagundane

Ivele eNkantolo intatheli ephinde ibe ngumdidiyeli wakwa-SABC uMkhokeli Bandla ngemuva kwevidiyo yakhe ayifaka ku-Facebook ngoNcwaba ngonyaka ka-2018 ehlukumeza amagundane.

Kuhlukene imibono ngomdanso we-Brazil  

Eqenjini lase-Brazil ukudansa akwenzelwa nje ukubungaza ukushaya amagoli – kodwa uthando lomdanso yisona sizathu esenza ukuthi bashaye amagoli.

Owashiywa unina wezingane uziphilisa ngokuqoqa imfucuza 

UMlungisi Jim wayengasebenzi futhi ehlala yedwa ngesikhathi umama wezingane zakhe ezimbili emshiya nazo.

Usaziwayo emdlalweni omusha wakumabonakude 

Ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi i-DiepCity ngeke ibuye ngesizini yesithathu ngonyaka ozayo abalandeli abaningi basale bedangele.

Elakuleli kumele lizilungiselele ukuhlala ebumnyameni amahora angu-12 

U-Eskom usumemezele ukuthi uzokwenyusa ukucishwa kukagesi kuze kufike esigabeni sesithupha kusukela emini ngoLwesithathu.

Kuboshwe inqwaba ebizama  ukuketula umbuso e-Germany  

Bangu-25 abantu asebeboshiwe ngemuva kokuzama ukuketula uhulumeni wase-Germany, kodwa behluleka.