Trolley
Prices: PMBEJD Household Affordability Index, March 2026 · See full basket →

Izindaba Scrolla

Kusuke umsindo enkantolo kuvela ubufakazi obusha kwelokubulawa kukaMeyiwa

Kunyuke amaphaphu ngemuva kokuzwakala ukuthi kunesiqeshana esiqoshiwe uNtanzi evuma icala kwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa.

Uzodlalelwa e-Algeria owePalestinne ne-Australia wokuhlolela eyomhlaba

Umdlalo we-Palestine ibhekene ne-Australia wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ozodlalwa ngenyanga ezayo usuthuthelwe e-North Africa.

Kuqubule udlame ukutholakala kwesidumbu sowesilisa obelahlekile

Kutholakale isidumbu sowesilisa wase-Kariega endlini engenalutho. Amalungu omphakathi wakule ndawo ashise lo muzi alinda umsolwa ukuthi abuye ekhaya.

Owesifazane utaxwe enqunu  ‘ngabaqaphi’ base-Alex

USizwe Mfoxu uhlaselwe yiqulu labantu abazibiza ngabaqaphi bendawo kodwa abangaqeqeshiwe ngoMsombuluko.

Uhulumeni kaRamaphosa weseka abashokobezi beHamas

Umengameli waseNingizimu Afrika usola uhulumeni wakwa-Israyeli ngokuhlaselwa kwabantu bayo yi-Hamas, ngapha uNgqongqoshe wezangaphandle ushayele umholi we-Hamas ucingo.

Owayesolwa ngokuphazamisa ukushushiswa kukaSelebi usefakwe kwelokuchitha Isilo

U-Advocate Menzi Simelane osethimbeni labaMmeli abachitha Isilo uMisuzulu kaZwelithini.

Isibhedlela esikhulu kunazo zonke ngaphansi kwengcindezi eGaza

Bangaphezu kuka-40,000 abantu abakhoseliswe e-Dar Al Shifa. Kodwa njengoba ukudla namanzi kungekho futhi ugesi uphela ngokushesha, isibhedlela singaphansi kwengcindezi.

UMntwana uSimakade wathi akafuni ukuba iSilo: Ramaphosa

UMengameli uCyril Ramaphosa utshele inkantolo ukuthi wagcoba iSilo ngokukahulumeni ngoba uMntwana uSimakade ethe akafuni ukuba iSilo.

I-DA ifuna iSIU iphenye ngezigidi zokuxhasa amaSama

Umholi we-DA uMnuz Francois Rodgers uveze ukuthi sebecele i-SIU ukuba iphenye ngezigidi zokuxhasa amaSAMA.

Kubanjwe inkunzi izikhulu zakwaCity Power

Kuhlaselwe izikhulu ezimbili zabesifazane zakwa-City Power zisemsebenzini.

Uyaqhubeka nokushuba umbango wesihlalo sobukhosi bakwaZulu

Ushubile umbango wesihlalo sobukhosi bakwaZulu njengoba amanye amalungu amadala aseNdlunkulu ephakamisa igama likaMntwana uBuzabazi.

Umlando edlala kweyomhlaba yelo mbhoxo neyekhilikithi ngonyaka owodwa

URudie van Vuuren wadlala iziNdebe zomhlaba ezimbili futhi wakwenza ngonyaka owodwa.