Trolley
Prices: PMBEJD Household Affordability Index, March 2026 · See full basket →

Izindaba Scrolla

Ukugula kuthikameza ukuqulwa kwecala lokubulawa kukaMeyiwa

Omunye wabasolwa ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa uyagula.

Kumisiwe ukufunda eMUT ngenhloso yokuhlonipha umsunguli wayo

Abafundi nabasebenzi bazonikwa isikhathi sokuzilela uMntwana wakwaPhindangene.

Zigcwale udaka kuMkhwebane

Izinqumo eziningi zenkantolo bezingabaza amandla akhe nokuqonda kwakhe umthetho.

Ukwethulwa kwesitolo samakha kuletha ithemba entsheni yaseKhayelitsha

Ngesikhathi ibhizinisi labo lemiqamelo lehluleka ngenxa yokuntuleka kwegwebu kanye nebhizinisi labo lezokudoba libhekena nokuncintisana okukhulu, osomabhizinisi ababili abasebasha baye baqhamuka nomqondo ophumelelayo, banquma ukwenza amakha.

Zingamampunge ezokukhoseliswa kwezisulu zokuzamazama komhlaba ehhotela likaRonaldo

Ngokuphambene nemibiko esabalele isihlabani sebhola uCristiano Ronaldo ngeke anikeze izisulu zokuzamazama komhlaba e-Morocco indawo yokukhosela.

ULibbok uyaqhubeka nokuzimisela

Iphasi emangalisayo ebisuka kuManie Libbok iya kuKurt-Lee Arendse emdlalweni weNdebe Yomhlaba Yebhola lombhoxo wamaBhokobhoko izolo ebusuku ibe sematheni ezinkundleni zokuxhumana - njengoba bekufanele.

Izakhamuzi zaseDiepsloot zivimbezele amaphoyisa abesolwa ngenkohlakalo

Izakhamuzi ezingaphezu kuka-600 zivimbe amaphoyisa abezama ukubaleka ngemuva kwezinsolo zokuthi abanjwe efumbathiswa imali ngumdayisi wotshwala ongenayo imvume yokudayisa

UDjokovic unqobe owe-US Open waqopha umlando

UNovak Djokovic uwine i-US Open ngamasethi aqondile, wathola isicoco sakhe sesi-24 se-Grand Slam.

Inkantolo ichithe isicelo sebheyili sikaMagudumana

Unqatsheliwe ibheyili uDkt Nandipha Magudumana ngoMsombuluko ekuseni.

URassie nohlelo lokuxhumana nabadlali kweyomhlaba yelombhoxo

Eminyakeni engu-17 edlule uRassie wathola igama elithi "DJ Rassie" ngokusebenzisa amagwebu anemibala egqamile emdlalweni wombhoxo - manje useyaphinda futhi.

Indida ngesitatimende sikafakazi oyiphoyisa kwelokubulawa kukaMeyiwa

Obekubalulekile enkantolo ukungabibikho kwesitatimende esibalulekile sikafakazi.

Iqhaza lebandla lakwaShembe ekuzalweni kukaButhelezi

Ibandla lakwaShembe libambe iqhaza elibalulekile likamoya emlandweni wakwaZulu, ikakhulukazi ngesikhathi kuzalwa uMntwana uMangosuthu Buthelezi.