Izindaba Scrolla

Abaculi ababili base-Alex bahlanganise i-kwaito nama-piano ukwakha uhlobo olusha lomculo

Selokhu kwethulwa uhlobo lwama-piano endimeni yomculo, lolu hlobo selukhule kakhulu. Manje uReece Madlisa noZuma - abaziwa ngokuthi “AmaRoto” - babuyisele abathandi bomculo ezinsukwini zakudala zomculo we-kwaito owawudume kakhulu.

Kushone abane kwalimala inqwaba ngemuva kokuthi kudilike udonga emcimbini womshado

Kushone abantu abane kwalimala inqwaba ngesikhathi kuwa udonga emshadweni obuse-Limpopo ngoMgqibelo.

OwaseMelika ubambe ingwenya ngomgqomo kadoti omnyama

Ividiyo ethusayo esibukwe izigidi zabantu emhlabeni wonke, iveza owesilisa wase-Frorida eMelika ebambe ingwenya enolaka ngomgqomo omnyama oqhutshwayo.

I-SAFA isimemezele ukuthi abalandeli asebejovile bazongena mahhala emdlalweni weBafana bafana

Inhlangano yaseNingizimu Afrika yebhola (i-SAFA) isimemezele ukuthi bonke asebegomele i-Covid-19 bazongena mahhala enkundleni yomdlalo weBafana Bafana ne-Ethiopia njengoba bazobe belwela ukungena kwindebe yomhlaba mhla ziyi-12 kuMfumfu.

Umphathi we-Liverpool ufanisa abagxeka umuthi wokugomela i-Covid njengabashayeli abadakiwe

Umphathi we-Liverpool uJurgen Klopp uthe ukunqaba ukuthatha umgomo we-Covid-19 kufana nokushayela udakiwe.

Owayengunobhala we-Nazi death camp uzame ukubalekela ukuqulwa kwecala lakhe

Esaba ukubhekana namacala akhe, lo wesifazane oneminyaka engama-96 ubudala obesebenza njengonobhala e-Nazi death camp ubalekile ngosuku okumele kuqulwa amacala akhe.

Amaphoyisa abonge i-Scrolla ngokuwasiza ukuthi kuboshwe osolwa ngokudlwengula

Owesilisa wase-Kagiso obhekene necala lokudlwengula nokuthumba udedelwe ngebheyili.

Umvalelo wehliselwe kwizinga lokuqala njengoba izwe liphuma kwigagasi elibulalayo lobhubhane

UMengameli uCyril Ramaphosa useyinciphisile imithetho yomvalelo wayisa kuzinga lokuqala kusukela ngoLwesine phakathi kwamabili.

Baningi abathintekayo enkohlakalweni yenkontileka ye-Digital Vibes

Abanye abasebenzi abayisithupha bezempilo bazomiswa ngaphambi kokuthi kuphele usuku lwangoLwesine ngeqhaza abalibambile enkontilekeni eyihlazo yezigidi eziyi-R150 ye-Digital Vibes.

Usopolitiki wase-Malawi uzibulalele ePhalamende

Lowo owayeyiPhini likaSomlomo wePhalamende lase-Malawi uClement Chiwaya ushonile ngemuva kwezinsolo zokuthi uzidubule ekhanda ehhovisi lakhe phambi koMabhalane wePhalamende, uFiona Kalemba.

Asehoxisiwe amacala ababekwe uDr Tumi kanye nonkosikazi wakhe

UDr Tumi kanye nonkosikazi wakhe sebethole ukukhululeka ngemuva kokuba kuhoxiswe amacala abakade bebhekene nawo okukhwabanisa ngoLwesine.

OwayenguMengameli wase-France usephinde wagwetshwa unyaka owodwa ebhadla ejele

OwayenguMengameli wase-France, uNicolas Sarkozy, usephinde wagwetshwa unyaka owodwa ebhadla ejele ngokuxhasa umkhankaso wokhetho lukaMengameli ngonyaka wezi-2021 ngokungekho emthethweni - kodwa wahlulwa.