Izindaba Scrolla

Lishintshile igiya njengoba i-England isinyuse amasokisi

UJimmy Anderson noStuart Broad banqobe ngemuva kokuthi ama-Proteas ekhethe ukushaya kuqala ngosuku lokuqala lwesivivinyo sesibili e-Manchester.

Amalungu ebandla asola ummeli ngokuwakhaphela

Abantu abangu-42 abasolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokudutshulwa kwabantu abaningi e-International Pentecostal Holiness Church (IPHC) eGoli ngoNtulikazi ngo-2020 bafake ummeli wabo enkantolo.

Angena elakanyana awenduduzo ngokushona kwesikhulu saseNigeria

Sekubikwe ukushona kwelungu lePhalamende lase-Anambra State House of Assembly e-Nigeria, kubikwa ukuthi lishonele ehhotela elise-Sandton.

Uboshiwe owabulala ugogo wakhe

UNomaswazi Tshabalala waseMndeni, e-Soweto wabulala ugogo wakhe wamngcwaba ngemuva kwendlu - wabe eseyozitika ngekhadi lakhe lakwa-Sassa nelasebhange ethenga ezitolo.

Usizi kushiswa amabhasi nabagibeli phakathi

Abagibeli bachaze isimo ebebebhekene naso balandisa ukuthi bakhethe ukuphuka izingalo nemilenze ukuze baphume emabhasini ashayo akwa-Golden Arrow eKapa ngoLwesine.

UMkhwebane uninda abanye ngobubende inyama bengayidlanga

Kuvele kwacace ukuthi uBusisiwe Mkhwebane ngeke avume ukuxoshwa yedwa ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwesithangami esibheka ukuthi ukukungele yini ukuba ehhovisi ngoLwesine.

Sichithiwe ese-Afriforum ngengoma yomzabalazo

INkantolo eNkulu yaseGoli isichithe nezindleko isicelo se-AfriForum sokuthi ingoma yomzabalazo ethi Ayesab' amagwala imenyezelwe njengenkulumo enenzondo.

Uphenyo ngenkulumo kaNgqogqoshe weZempilo

UMnyango Wezempilo Kazwelonke usuqalile uphenya ukuphawula kukaNgqongqoshe Wezempilo e-Limpopo uDkt Phophi Ramathuba ngesikhathi ethethisa isiguli sase-Zimbabwe.

Umsubathi wakuleli uzimisele ukunqoba owe-Comrades Marathon

UNkosikhona Mhlakwana uzobe eyintandokazi yokuwina isicoco se-Comrades Marathon ngeSonto.

U-Shoprite utshala imali ukuze uthuthukise ukusebenza

I-Shoprite Group ihlela ukuboleka enye imali engu-R3.5-billion yokunciphisa izinga layo le-carbon.

Ama-Blitzboks nethuba lokuwina eyeRuby Sevens

Sekusele amasonto amabili nje kuphela ukuthi kuqale iNdebe yoMhlaba ye-Rugby Sevens kanti ama-Blitzboks analo ithuba lokukhombisa ukuthi akulungele ukuba ngompetha bomhlaba.

Umsubathi uxoxa ngobunzima adlula kubo

Ngesikhathi u-Anne Wafula engenwa isifo sovendle eneminyaka emibili idolobha langakubo lamufulathela njengoba abantu babekholelwa ukuthi uloyiwe.