Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Bashaya amakhala ngokudla kuka-R3 million kwabafundi bakamatikuletsheni okumenyezelwe iMeya yaseJozini ngeSonto eledlule.
Lokhu kuza ngemuva kwezikhalo zokuthi ukudla okuhanjiswe ezikoleni ezingu-61 zaseJozini akulingani nemali ebimenyezelwe uMeya uMfananaye Mathe .
Esikoleni samabanga aphezulu Impala, abafundi bakhona bakhuze ibhadi bathi ukudla abakutholile akuzukunela ngisho uhhafu wabafundi abangu-96 okuthiwa kuhlelelwe bona.
USotswebhu we-ANC eJozini uMnu Sandile Sibiya uthe sebebhalele uSomlomo uMnu Delani Mabika incwadi ukuba bathole incazelo ngemali esetshenzisiwe.
“Lokhu kudla okuthungelwe abafundi akufiki ngisho emalini engu-R500 000. Angiphathike okulethelwe esikoleni ngasinye. Akufiki ngisho emalini engaba u-R800 uma ubuka izijumbana ezihanjisiwe. Sifuna incazelo eqondile ngoba sekuwumkhuba odlangile ukuthi njalo uma kwenziwa izinto zingalingani nesamba esisuke siphumile,” kusho uSibiya.
USibiya ukhale ngokuthi kuyimanje umasipala awunamali kodwa uMathe umatasa usaphaza imali ngendlela engaqondakali.
Uqhube wathi okubi ukuthi uMnyango wezeMfundo unohlelo lokuphakela abafundi kodwa iMeya nayo ithatha imali yentuthuko uyifaka ekudleni kwezingane ngendlela engaqondakali.
Ngesikhathi uMathe eziphendulela uthe uSibiya ukhulunyiswa ukungazi.
“Imali ebesiyibeke eceleni ukuze sithengele abafundi ukudla abazokudla ngezimpelasonto noma uma sekuphume isikole ingu-R3 million. Kodwa kwa-Boxer sigcine sisebenzise imali engaphansa nje kuka-R500 000. Lokhu kusho ukuthi sikwazile ukonga imali yabakhokhibentela engu-R2.5 million. Leyo mali esele sizoyifaka kwezinye izinhlelo zentuthuko,” kusho uMathe.
Uqhube wathi lokhu bakwenze ngoba uMnyango wezeMfundo uphakela izikole ngesikhathi esisemthethweni sokufunda kuphela. Uthe uma sekunohlelo lokufunda lwangezimpelasonto noma lwezikhathi ezengeziwe, uhulumeni usuke engasahlangani nokuphakela abafundi lapho.
“Yingakho siye sangenelela ukuze izingane zingafundi zilambile. Uyabona ngokolimi losopolitiki, ngabe bathi ngilayekile angikwazanga nokucosha ngisho indibilishi ngoba imali ingene ngqo kwa-Boxer kwabuya nesiliphu. Nasi ngizosinekela izwe ngoba sikhona. Okunye ayikho ithenda esiyikhiphile ngalokhu, sizenzele singumasipala ngoMnyango wethu obheke izindaba zentsha,” kuchaza uMathe.
