OweTheku nohlelo olusha lokutakula intsha

Celani Sikhakhane

UMasipala weTheku usuqhamuke nohlelo olusha lokunciphisa izinga labantu abasha abangasebenzi.

I-Scooter Empowerment Initiative izoqeqesha intsha engu-200 njengabashayeli bezithuthuthu futhi ihoxise nenkokhelo yelayisensi yokushayela. Inhloso ukubasiza ukuthi bathole imisebenzi njengabashayeli abahambisa ukudla.

Ngokusho kukamasipala, lolu hlelo luzothuthukisa ukukhula komkhakha we-e-commerce.

Lolu hlelo lwethulwe ngokusemthethweni ngoLwesine yiMeya yeTheku uMxolisi Kaunda e-Old Drive eThekwini.

“Lolu hlelo lwenziwe ngokubambisana nezinkampani ezizimele okubalwa kuzo i-Lularides, i-Uber Eats kanye ne-Catalyx,” esho.

Ngemuva kokuqubuka kwe-Covid-19 eminyakeni emithathu edlule, amazwe amaningi amukela i-e-commerce, eyavula imakethe yokulethwa kwezidingongqaki.

Iqembu lokuqala elahlomula kulolu hlelo nyakenye izingane ezihlala emigwaqeni ezihlala ezikhungweni ezingaphansi kophiko lwe-Theku Safer Cities. Bangene ohlelweni ngoNdasa nyakenye. UKaunda uthe ilinganiselwa ku-200 intsha eqeqeshiwe esebenzayo njengamanje.

UMartin Malindi, oke wahlala kwenye yezindawo zokukhosela zikamasipala, uthe ushayela umasipala ihlombe ngokufaka abantu abangenamakhaya kulolu hlelo.

“Akubona bonke abangenamakhaya abayimilutha yezidakamizwa noma abayingozi. Ebesikufuna nje bekuyithuba lesibili. Ngithole elami nge-Scooter Empowerment Initiative futhi angibange ngisabheka emuva,” esho.

Omunye ohlomulile uMnu Lindokuhle Shobede waseMpangeni kwesakwaMthethwa ufike eThekwini ezofuna umsebenzi. Ukwazile ukuzuza kulo msebenzi ngemuva kokuthi aqeqeshwe mahhala ngesithuthuthu kanti uphinde wathola nelayisensi yakhe. Manje useyakwazi ukondla umndeni wakhe.

Lolu hlelo, oluqale nyakenye, selubuyise ithemba entsheni eyengeziwe engu-27 ehlaliswe ezindaweni zokukhosela e-Safer Cities kanti ijoyine lolu hlelo ngoNdasa kulo nyaka.

Izinga labantu abangasebenzi linyuke kakhulu eThekwini nakuleli.

Kwenze intsha eningi yangena ebugebengwini noma yazithola ingasawufuni umsebenzi njengoba izinkampani eziningi zithwele kanzima ngenxa yokuntengantenga komnotho.

Izinga labangasebenzi eNingizimu Afrika linyuke lisuka ku-34% laya ku-35% ngekota yokuqala kaNdasa ngo-2022.

Izihloko zakamuva