Owesilisa wase-EC umangalela umbuso

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Isakhamuzi sase-Gqeberha singase sithole u-R2,3 million njengesinxephezelo sokuboshelwa icala esingalenzanga.

Ogcinwe esitokisini inyanga yonke waphinde wanqatshelwa ibheyili umangalela amaphoyisa akwa-SAPS ngokusebenzisa amandla awo budedengu.

Ummangali – ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa kuze kuphothulwe udaba eNkantolo eNkulu yase-Gqeberha ngenxa yokwesaba ukujeziswa – uthe wehliswa isithunzi ngesikhathi eboshwa esidlangalaleni.

“Amaphoyisa afika azongibopha endlini yami ngomhlaka-13 kuNcwaba ngo-2018. Ngathweswa icala lokuthumba nokudlwengula owesifazane. Ngabancenga ngabatshela ukuthi angizange ngikwenze lokho.

“Babengikhombe ngesibhamu ngesikhathi bengishova ngemuva evenini yamaphoyisa kubuka omakhelwane bami. Ngazizwa ngilulazekile ngokusolwa ngecala elinjalo.”

Uthe waboshwa kanye nomsolwa wangempela owagcina elahlwe icala waphinde wagwetshwa.

Ummangali uthe wagcinwa esiteshini samaphoyisa e-Motherwell izinsuku ezimbili ngaphambi kokuthi avele enkantolo lapho anqatshelwa khona isicelo sebheyili.

Wabe esedluliselwa ejele lase-St Albans lapho ahlala khona isikhathi esingangenyanga.

Uthi ngomhlaka-12 kuMandulo ngo-2018 icala lasulwa ohlwini ngenxa yokushoda kobufakazi obumhlanganisa naleli cala.

Watshelwa ukuthi usekhululekile ukuthi angahamba. Kodwa-ke, lokho akuzange kuwulungise umonakalo owawusuwenzekile.

Ummeli kamsolwa uMakhaya Ntanzi ukuqinisekisile ukuthi bamangalela umbuso ngokuboshwa ngokungemthetho kanye nokushushiswa ngenkohlakalo.

Kodwa-ke, uNtanzi wenqabile ukuphawula kuze kube lolu daba luyaphothulwa.

Amaphepha asenkantolo akhombisa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ohlwini lwabaphendulile

bokuqala.

Okhulumela uCele, uLirandzu Themba uthe lolu daba lusingethwe e-Eastern Cape futhi bazoluphendula uma selethulwe ehhovisi likazwelonke.

Udaba luzolalelwa eNkantolo eNkulu yase-Gqeberha ngomhlaka-11 kuNtulikazi.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva