Owesilisa uthole odilikajele ababili ngokubulala abashadikazi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

USulaiman Kamya wase-Uganda ugwetshwe odilikajele ababili yiNkantolo yesiFunda yaseModimolle eLimpopo ngoLwesithathu ngecala lokubulala owesilisa nonkosikazi wakhe.

NgoMasingana ka-2019, izidumbu ezishisiwe zikaJoshua Mutaasa (38) noRita Mutaasa (43) zatholakala emzini wabo eWildebeeslaagte, eNortham.

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uLieutenant-Colonel Malesela Ledwaba uthe uphenyo lwamaphoyisa luveza ukuthi abashadikazi bahlaselwa ngodlame ngento ebukhali ngaphambi kokushiswa nomuzi wabo.

“Imoto kamufi eyisiliva yohlobo lwe-BMW yebiwa ngesikhathi kwenzeka isigameko lokhu kwakholwa njengesenzo sokuziphindiselela. Ithimba labaphenyi lilandele imikhondo ebikhona eRustenburg, eNorth West, lapho umsolwa elandelwe khona waboshwa.

“Amaphoyisa ngesikhathi egasela athola umakhalekhukhwini kamufi endlini kamsolwa nebhulukwe ebeligcwele igazi selicwiliswe emanzini,” kusho uLedwaba.

Imoto yalandelelwa yatholakala endaweni lapho kwakulindelwe khona ukuthi kushintshwe imininingwane yobunikazi.

ULedwaba uthe uphenyo luholele ithimba endaweni evulekile lapho kutholwe khona ezinye izingubo nezinto ezibalulekile zabashadikazi.

Ukubulala kuthiwa kwakuyisenzo sokuziphindiselela.

ULedwaba uthe ummangalelwa wayefuna ukuthenga imoto yezithandani futhi wavuma ukuyikhokha kancane kancane imali ngaphambi kokuyithola uma esekhokhe ngokugcwele.

“Wayikhokha ingxenye yemali kodwa ngokuhamba kwesikhathi wayicela ukuthi ibuyiselwe ngoba wayengeke esakwazi ukuyikhokhela,” usho kanje.

“Imgilwa wamtshela ukuthi uzomnika imali ngokuhamba kwesikhathi, kodwa ummangalelwa wavuka umbhejazane wangena endlini yabo efuna ukubuyiselwa imali yakhe. Ube esebulala abashadikazi washisa nendlu waphinde weba izinto zabo ezibalulekile ngesikhathi ebahlasela.”

Osesithombeni esingenhla: Umsolwa uSulaiman Kamya.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva