Owesilisa ugwetshwe iminyaka engu-18 ebhadla ejele ngokudlwengula intombazane

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Intombazane eneminyaka engu-14 ubudala yahlaselwa yadlwengulwa kubo ngemuva kokuba owesilisa enze sengathi ifuna ukuthenga ugwayi.

Amaphoyisa enza umsebenzi oncomekayo asheshe abamba umdlwenguli osezohlala iminyaka engu-18 ejele futhi akasoze akwazi ukuba nesibhamu empilweni yakhe.

INkantolo yesiFunda sase-Burgersfort igwebe uTebogo Maphanga iminyaka engu-18 ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-14 ubudala.

Lesi sigameko senzeka ngo-2022 ngesikhathi intombazane ihleli yodwa ekhaya kubo e-Praktiseer’s Segorong Section. UMaphanga wafika endlini njengomuntu ozothenga ugwayi.

Yathi ivula isicabha intombazane iyolanda ugwayi kwelinye lamagumbi, uMaphanga wayilandela. Wayibamba wayiphushela phansi wase eyibopha izandla ngezintambo zezicathulo ngaphambi kokuyikhumula izingubo wayidlwengula.

Ngemuva kwalesi sigameko, intombazane yakwazi ukubaleka yaya kwamakhelwane lapho abazali bayo babekhona emlindelweni wasebusuku.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uLieutenant Colonel Stephen Thakeng uthe amaphoyisa asheshe ambamba umdlwenguli.

“Isigameko sabikwa emaphoyiseni, kwalandelwa umkhondo womsolwa waboshwa. Ibheyili yakhe yaphikiswa waze watholakala enecala wagwetshwa ngoLwesibili. Kuphinde kwabikwa ukuthi akumele abe nesibhamu kanti igama lakhe selifakiwe kuhlu labantu abanamacala okudlwengula,” kusho uThakeng.

UKhomishana wesifundazwe sase-Limpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, usijabulele isinqumo seNkantolo.

“Ngiwashayela ihlombe amaphoyisa ngomsebenzi wawo wokuqinisekisa ukuthi abephula umthetho bathola izijeziso ezinzima ikakhulukazi emacaleni okuhlukunyezwa kwezingane,” usho kanje.

Osesithombeni esingenhla: UTebogo Hendrick Maphanga.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva