Owesilisa ovikela umphakathi wangakubo uqokelwe indondo yobuqhawe

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UMnuz Thamsanqa Nkevu isakhamuzi saKwanobuhle eKariega, e-Eastern Cape, ovuka ekuseni njalo ukuze avikele izingane zesikole uma ziwela ibhuloho eliyingozi uqokelwe indondo yesizwe.

UNkevu owaziwa njengengelosi egada ibhuloho laKwanobuhle uqokwe kumaSouth African Heroes Awards azobe engomhlaka-21 kuMandulo ePitoli. 

Uqokwe emkhakheni wokuthuthukisa intsha ngokuzinikela ekusizeni umphakathi wangakubo.

Eminyakeni emine edlule uNkevu ongumfundisi nongoti kwezomkhalambazo (martial arts) ubeqinisekisa ukuthi abesifazane nezingane bayaya esikoleni futhi basebenze ngokuphepha. 

Yize ehlonishwa uNkevu uthe ngesikhathi ethatha isinqumo sokulwa nobugebengu Kwanobuhle akakaze ayicabange eyokuthola indondo.

“Ngimangele futhi bengingalindele ukuthi abantu babone engikwenzile noma bacabange ukuthi ngifanelwe umklomelo. Ngisathukile, kodwa ngiyathobeka ngenhlonipho abanginika yona,” usho kanje.

Screenshot

Ngaphandle kokulwa nobugebengu, uNkevu ungumuntu wonke oumuntu emphakathini wakubo phendukela kuye ukuze athole usizo. 

Ubizelwa ukuzoxazulula izingxabano zasekhaya, akhulume nabafundi abanezinkinga zokuziphatha, aze asize uma ugesi ucisha.

“Abantu bayangifonela befuna lonke uhlobo losizo. Kimina, lokho kungijabulisa kakhulu,” kwengeza uNkevu.

Phakathi nezikhukhula zakamuva, wasindisa othile. Uphinde wathola nezidumbu zabafundi besifazane ababili abaminzile.

UNkevu uyaziwa nangokuthengela izingane eziswele imifaniswano yesikole namablazer kwizingane ezenza umatikuletsheni. 

“Angifuni izinkumbulo zengane zesikole ezigcwele ubuhlungu nobunzima. Ngizama ngakho konke okusemandleni ukuthi akukho ngane esala ngemuva,” usho kanje.

“Ngilungele noma yini ezayo, noma ngabe kusho ukuthi ngizolahlekelwa yimpilo yami ngisiza umphakathi wakithi. Ngizolokhu ngimelana nobugebengu endaweni yangakithi.”

Ukuvotela uNkevu, thumela umlayezo othi SAHA THAMSANQA ku-47439.

Esithombeni esingenhla: UNkevu ulindile njengoba izingane ziwela ibhuloho

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva