Owesilisa osolwa ngokuthumba wenze idili lomcimbi ngenkathi evalele isisulu sakhe

Everson Luhanga

Ngenyanga edlule, bekunephathi ewubukhazikhazi e-Lucky 7 Lifestyle Café e-Daveyton. Lo mcimbi wobukhazikhazi ubugcwele abantu abajabule bephuza ama-cocktail futhi bedansa ubusuku bonke.

Obekungaziwa izihambeli ukuthi obephethe umcimbi okhethekile uthumbe usomabhizinisi kuthelawayeka u-M1, e-Smit offframp ngoLwesithathu mhla ziyi-17 kuLwezi.

Onogada abathathu batshelwe ukuthi bagade isisulu endlini yomxhaso e-Pumfontein e-Ekurhuleni ukuqinisekisa ukuthi asiphunyuki ngesikhathi umphathi wabo ehambele umcimbi.

Ngenkathi owesilisa osolwa ngokuthumba ephila impilo ephezulu nabangani, umndeni okhathazekile e-Kelvin, enyakatho neGoli, ubunovalo lokuthi ngabe isihlobo sabo sizobuya siphephile yini.

Umndeni washeshe wezwa ngokuthunjwa kothandiweyo wabo ezinkundleni zokuxhumana, ngemuva kokuthi kuthunyelwe isiqeshana sevidiyo yakhe eveza ethunjwa.

Kufunwe izigidi eziyisithupha zamarandi emndenini ukuze akhululwe ephephile.

Kodwa umndeni ubungenayo leyo mali. Abebengakwenza ukuthandazela ukuthi abuye ephephile.

Izinsuku ezintathu, abathumbi bagebenga i-akhawunti yasebhange kasomabhizinisi ngokukhipha imali kuma-ATM ahlukene, bakhipha cishe imali eyizi-R20 000 isiyonke.

NgoMgqibelo ebusuku, i-champagne igeleze kwaze kwaba sekuseni emcimbini obuse-Lucky 7 Lifestyle Café.

Ngesikhathi umcimbi ufinyelela kuvuthondaba, ithimba labaseshi lifike endaweni labe selibopha umnikazi womcimbi ngokuthula. Bakwazile ukumthungatha ngemuva kokusebenza ngobuhlakani.

Yize eboshiwe, kodwa imithombo esondelene naleli cala ithe umcimbi uqhubekile njengoba kungekho muntu obonile ukuthi umnikazi womcimbi uthathwe abaseshi.

Amaphoyisa aphinde abopha abahlanu asebenzisana nabo, okuhlanganisa nomlisa othi umuzi womxhaso lapho bekugcinwe khona isisulu ungowakhe.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli uColonel Dimakatso Sello ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa.

NgeSonto mhla zingama-21 kuLwezi lo somabhizinisi uye wahlanganiswa ngokuphephile nomndeni wakhe engenamyocu, ngemuva kwezinsuku eziyisithupha kuqale usizi lwakhe.

Utshele elinye ilungu lomndeni wakhe ukuthi ubecabanga ukuthi ngeke akhululwe njengoba abathumbi bakhe bebefuna isamba semali angenayo.

Ngaphambi kokuboshwa kwakhe, umthumbi ubenamanye amacala amabili okuthumba lapho aboshwa khona wadedelwa ngebheyili.

Ngokusho komthombo wamaphoyisa osondelene naleli cala maningi amathuba okuthi umsolwa oqavile umataniswa namanye amacala amaningi okuthumba esifundazweni.

Izihloko zakamuva