Owesifazane waziqalela ibhizinisi lakhe ngesikhathi eshonelwa ubaba wakhe

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

URefilwe Malatji (35) wasePhalaborwa waqala iRefie Harry Cosmetics ngemuva kokushona kukayise washiya umndeni wakhe ungenamali.

Imikhiqizo yakhe ihlanganisa i-hair food, okokukhuhla umzimba neziqholo, konke kuthengiswa esitolo sakhe sasePhalaborwa futhi kuthunyelwe noma ikuphi nge-courier esebenzisa u-Facebook ne-TikTok.

URefilwe Malatji wayeneminyaka engu-22 ubudala lapho ubaba wakhe eshona. Wayekade efuna ukwenza izifundo zobudokotela. Lelo cebo laphela mhla eshona.

Njengoba eyizibulo ekhaya kwakumele angenelele. Umama wakhe, uJuliet Phakula, wayengenamali.

URefilwe waqala ukwenza izinwele futhi wasebenza espaza sasendaweni ngo-R1,300 ngenyanga. Kwakunganele, kodwa kwagcina umndeni wondlekile.

Akagcinanga lapho. Wabhalisela izifundo zokuthunga zezinyanga eziyisithupha ePhalaborwa Foundation, wabe esefunda isayensi yekhompyutha kanye ne-graphic design eSir Val Duncan College, waphothula ngo-2018.

Uphinde waya ku-SEDA, okuyinhlangano esiza osomabhizinisi abasafufusa ukuthi basungule amabhizinisi, wabhalisa inkampani yakhe kwaSARS.

Ngonyaka odlule uvule iRefie Harry Cosmetics ePhalaborwa, eqanjwe ngamagama akhe womabili, uRefilwe noHarriet.

Lesi sitolo sikhiqiza i-hair food, ihand scrubs, ukhilimu we-inner thigh, iziqholo nama-balms. Uyiqhuba yedwa okwamanje.

Ukuncintisana embonini yonobuhle esifundeni sakhe yinselelo yakhe enkulu. Lapho ukuthengisa kuphansi, iholo lakhe liyehla, futhi umndeni wakhe uthwala kanzima.

“Uma uhluleka wukudayisile kusho ukuthi iholo elincane noma ungalitholi futhi inzuzo iyona le mali engizokondla ngayo umndeni wami,” kusho yena.
Kodwa uyaqhubeka.

“Indlala ayisona isigwebo sikadilikajele, kodwa empeleni yithuba lokuzakhela,” kusho uRefilwe.

Imikhiqizo yakhe iyatholakala esitolo sakhe esikuSelati Road ePhalaborwa futhi inga-odwa nge-Facebook ye-Refie Harry Cosmetics kanye namakhasi e-TikTok ukuze ilethwe ngeposi.

Esithombeni esingenhla: URefilwe Malatji neminye yemikhiqizo yakhe ye-Refie Harry Cosmetics.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva